Kuzovulwa iziteshi ezintsha zama-phoyisa

2013-07-05 00:00

Amaphoyisa aseHillcrest entshonalanga yeTheku, azovula iziteshi ezincane zama phoyisa, eMolweni kwaNyuswa nakwaNgcolosi nasezindaweni ezisondelene nazo.

Okhulumela ama phoyisa ase Hillcrest, u-Leiutenant MF Mkhize, uthe umbono wokuvula lezi ziteshi zamaphoyisa kulezizi ndawo uqhamuke nabaholi bomphakathi njenga makhansela, izinduna namakhosi.

Uthe: “Siba nemihlangano namakhosi, izinduna namakhansela njalo ngenyanga sidingida izindaba zomphakathi nezinhelo zentuthuko, kwase kuvela ukuthi kunga kuhle kuvulwe izitseshi zamaphoyisa eMolweni, kwaNyuswa nakwaNgcolosi,” usho kanje.

Ukhale ngokuthi umphakathi oqhamuka kule zindawo unenkinga yokkufinyelela esiteshini samaphoyisa eHillcrest uma udinga usizo amaphoyisa.

“Umphakathi ovela kulezindawo,” kuqhuba yena, “ubona kunzima ukufinyelela esiteshini sama phoyisa aseHillcrest ngoba kukude. Amanye amalungu omphakathi awasebenzi njengoba kudingeka agibele uma eya e-Hillcrest. Amanye asemadala ukuthi angahamba ibanga elide ngezinyawo.

“Le nkinga isidale ukuthi abantu bangakwazi ukuthola usizo abalundingayo emaphoyiseni,” kusho yena.

Bahlanganise amakhanda bengama phoyisa ase Hillcrest babuka nendlela ubugebengu osebudlange ngayo eMolweni nakwaNyuswa, babona sidingeka ngokuphuthuma isiteshi sama phoyisa.

Uqhube wathi ngendlela ubugebengu obudlange ngayo kulezizi ndawo, kwenye inkathi imibiko yamacala enzeka emphakathini abayitholi ngoba abantu banqena ukuhamba ibanga elide.

Uthi eminyakeni emihlanu edlule kunamacala angakaze abikwe emaphoyiseni okubalwa awokweba, ukuntshontshwa kwezimoto nezidakamizwa.”

Uqhube wathi: “Amalungu omphakathi asezokwazi manje ukubika wonke amacala enzekayo ezindaweni ahlala kuzo, futhi sizo qinisekisa ukuthi lawo macala ayaphenywa ngendlela efanele,” Kusho yena.

Uthe isiteshi sokuqala esizovulwa sizoba seMolweni ngoba iyona ndawo eyabhalisa kuqala.

“Kunendawo esayithola eMolweni eyayivele inesakhiwo esingasetshenziswa muntu.

Into edingekayo khona ukuthi silungiswe, sibiyelwe bese sifaka ama-container okuzo setshenzelwa kuwo, kepha asikabi nalo usuku esizovulwa ngaso kepha abantu abalidele ngabomvu.”

Uthe kuzolandela izindawo zakwaNyuswa nakwaNgcolosi, kodwa basabheka indawo yokufaka lama-container okusebenzela.

Uthe balinde indawo enesakhiwo nje, noma abangayinikezwa wuMasipala, bese beyaqala ukusebenza.

Uma kuhamba isikhathi eside bengayitholi indawo, bazo faka ama-container kuphela basebenzele kuwona. Unxuse umphakathi ukuba usebenzisane namaphoyisa, uwethembe.

Uthe: “Uma kune sakhiwo esingahlali munu kwaNyuswa, sinxusa umnikazi waso asithinte ngocingo emaphoyiseni aseHillcrest sibonisane ngokuqala isiteshi ngokushesha,” kusho yena.

UMnuz Blessing Nzama, oyilungu lomphakathi eMolweni ukhombise ukujabula ngenkathi ezwa ukuthi sekuzoba nesiteshi sama phoyisa esise duze nekhaya lakhe. Uthe: “Besihamba ibanga elide uma sifuna ukubika icala emaphoyiseni aseHillcrest. Kwenye inkathi ngangibala imali engizogibela ngayo, nebanga engizolihamba, ngivele ngidikibale ngingabe ngisaya ukuyo bika icala futhi nezigebengu bezazi ukuthi ziyazenzela kule ndawo.

Uqhube wathi: “Ngiyajabula ngoba konke lokhu sekuzophela, sihlale endaweni ephephile,” kusho yena. ma.

Uma kukhona othanda ukuxhasa loluhlelo lokuvula iziteshi zamaphoyisa eMolweni, kwaNyuswa nakwaNgcolosi, angashayela kule nombolo yogcingo ethi 031 765 9124.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.