Abameli ababizayo baka-Jub Jub

By Drum Digital
14 December 2012

Inkantolo yeMantshi isikhiphile isigwebo sikaJub Jub noThemba Tshabalala seminyaka engama-25 bebhadla ejele.

UMBUZO OBUZWA YININGI uthi uMolemo “Jub Jub ogwetshwe iminyaka engama-25 ebhadla ejele, ukwaze kanjani ukuthola abameli abanohlonze kodwa kube kwaziwa ukuthi umkhuba wakhe wokusebenzisa izidakamizwa besekumbhoboze izikhwama.

Ngisho no-Ike Motloung, ummeli owaziwayo ukuba akahleki ngasemalini wahoxa ngenkathi esehluleka ukukhokhela izindleko zakhe zezomthetho.

Ngokwemibiko yophenyo lwethu uRudi Krause,   owayekade emele umdlali we-rugby odlalela amaBlue Bulls uBees Roux, osigwebo sakhe salengiswa kulandela ukubulawa kwephoyisa lomgwaqo leTshwane Metro Police, uNtshimane Mogale, nguyena mmeli obemele uJub Jub ecaleni.

Find Love!

Men
Women