'Angikwazi ukulahlekelwa yimi uqobo'

By Drum Digital
05 July 2013

UThabiso Mokhethi ukhuluma ngempilo ngemva kweGenerations, ngokholo lwakhe kanye nagengozi enyantisa igazi eyathatha impilo kanina nomfowabo.

UDLALE indawo ‘kaSamuel’ kuGenerations eku-SABC 1 iminyaka eyisithupha, ethandwa iningi lababukeli baseMzansi njengensizwa “ezikhululekele”.

Lo mlingiswa abaningi basehluleka ukumkhohlwa.

Ngemva kweminyaka emibili ewushiyile lo mdlalo, abalandeli bakhe basambiza ‘ngoSam’.

“Abantu bahlale bengimisa emigwaqeni bethi ‘Hi Sam, uphi uSharon (umkakhe wasemdla- lweni)’”, esho ehleka.

Sihlangane noThabiso Mokhethi (30) ehhotela eliwubukhazikhazi eliseMelrose Arch eGoli.

Ugqoke uyaconsa, ihembe elimhlophe nebhulukwe elikhilimu.

Find Love!

Men
Women