'Angisoze ngibuyele'

By Drum Digital
23 August 2013

UThemba Nofemele woMuvhango ugonyuluka ngemfihlo ezidale ukuthi agcine eshiya kungazele emdlalweni.

Umuntu ungambona ekuhle-kisa kanti yisitha sakho.

Ubengomunye wabalingisi abebengaconsi phansi emdlalweni owuchungechunge odlalwa ku-SABC2 uMuvhango futhi ubenenqwaba yabalandeli besifazane ku-TV nangaphandle.

Lo mlingisi waseBloemfontein ubenekusasa elithembisayo kwaze kwabe i-DRUM idalula udaba ngomhla (ka-4 April 2013, pg. 102) ezinyangeni ezine ezedlule oluthi uThemba Nofemele (35) obedlala indawo kaRanthumeng Mokoena umyeni kaThandaza ongumlingisikazi osemnkantshubomvu kuMuvhango useyashiya kulo mdlalo.

Find Love!

Men
Women