'Asisakwazi nokulinda ukuba ngabazali!'

By Drum Digital
29 March 2013

Umlingisi weGenerations uThami Mngqolo nobengumlingi- sikazi woMuvhango uJo-Anne Reyneke balandise i-DRUM ngesasasa lokukhulelwa nangosana lwabo abululindele.

IZINZALABATU zithi, “Uthando lungumanqoba futhi lubekezelela noma yikuphi.”

Lokhu kubonakala kulezi zithandani ezithandwayo nesezihunge izinhliziyo zabahlali baseMzansi.

Kumanje amehlo asethe njo nakakhulu kuzona njengoba uThami Mngqolo noJo-Anne Reyneke sebelungiselela ukubelethwa komntwana wabo.

Labo phathina babukeka kahle kungathi bageza ngobisi, banethalente bayaphumelela – ungafunga bakhomba ngophakathi.

Find Love!

Men
Women