Bekungathi yiphupho

By Drum Digital
12 April 2013

Balinde iminyaka eyishumi ngaphambi kokuba bashade - yingakho benze isiqinisekiso sokuthi kuba wusuku abangasoze balukhohlwa.

INDLU yesonto i-Agnes B Hildebrand Chapel AME Church eMabopane, ePitoli, igcwele iyanyinyitheka.

Kube yisibusiso ukuphenya kwezu- lu ebelisolisa sengathi lizoyidliva.

Umuntu omaziyo uTshepo Maseko nengoduso yakhe uMasego Morapedi ubezokutshela kodwa ukuthi ngisho nalokho bekungeke kufake ugcobo osu-kwini lwabo.

Isiyishumi iminyaka lulindelwe lolu suku selokhu uTshepo (39) ashaya phansi ngedolo wacela umshado.

Namhlanje elamanqamu.

Find Love!

Men
Women