Igama lami lingcolisiwe

By Drum Digital
26 April 2013

Ukuboshelwa icala angalenzanga uTrevor Madondo kucekele phansi isithunzi sakhe nasezama ukusivusa.

Impela icala lembula ingubo lingene.

Sekuphele amaviki ambalwa amacala okukhwabanisa kanontandakubukwa nomsakazi, uTrevor Madondo ehoxisiwe namanje usakhungathethekile ngesehlo athi sicekele phansi isithunzi nempilo yakhe.

Imininingwane yezinsolo zokukhwabanisa kukaTrevor yadalulelwa emphakathini ngasekuqaleni kwalo nyaka ngesikhathi kubikwa ukuthi le nsizwa eneminyaka engama-27 ubudala, nowayenguphathina wayo ebhizinisini uLerato Mahloane nowakwakhe uGeorge Khanyile bakhwabanisela iWesBank imali engaba ngu-R7 million.

Find Love!

Men
Women