Injabulo yodwa kwaFerguson

By Drum Digital
21 June 2013

Ekugcineni selize lafezeka iphupha labo lokuba nenkampani eqopha imidlalo kamabonakude.

Abashadikazi abayizintantokazi zaseNingizimu Afrika, uConnie noShona Ferguson sebezakhele igama kwezikaqed’isizungu kuleli.

Lezi zithandani sezisungule inkampani yazo yokuqopha imidlalo iFerguson Films ebukeka yenza kahle kakhulu.

Uchungechunge lomdlalo wabo obizwa ngeRockville edlala kuMzansi Magic kuDSTV usudonse amehlo enqwaba yababukeli.

I-DRUM ihlangane nalezi zithandani ezihlale zimatasatasa ukuze izwe kabanzi ngeRockville.

Sihlanganele ebukhazikhazi- ni behhotela laseGoli i-54 on Bath eseRosebank.

Find Love!

Men
Women