Iphimbo elisha leMetro

By Drum Digital
14 June 2013

Njengomsakazi osemusha kuMetro FM, uSiphokazi January uzimisele ukuba yingqayizivele.

NGENKATHI umsakazi weMetro FM u-Azania Mosaka esazisa ngokusishiya lesi siteshi somsakazo, iningi lalizibuza ukuthi ingabe ubani ozongena esikhaleni salo msakazi ongomunye othandwa kakhulu eMzansi.

Aku- thathanga sikhathi sezwa iphimbo likaSiphokazi January eliyisihosho kanye nokukhululeka kwakhe.

Sihlangane naye endlini asanda kuthuthela kuyo eCountry Collage eSandton, eGoli.

Ubeshaye ezimnyama okuyibhulukwe, ijakhethi namabhuthi.

Mncane kakhulu ngomzimba uma kuqhathaniswa nobuyena bakhe emsa- kazweni. Ngenkathi sihlala   phansi sixoxa naye, semukelwe yizwi lakhe eselizosabalala kwezokusakaza.

Find Love!

Men
Women