Izinto ziyakhanya

By Drum Digital
05 October 2012

Wangena kwezikaqedisizungu eseyingane kodwa manje uKhanya usengumlinganisikazi ovelele. Usevelele efilimini laphesheya futhi uthi ukwenze ngokusebenza ngokuzimisela.

Wayeseyingane ngesikhathi siqala ukumbona ku-TV engumethuli wohlelo i-YOTV kodwa amaphupho akhe ayemakhulu, efuna ukuzibona engumlingisikazi odumile.

Sihlangana naleli qhalaqhala lentokazi uKhanya Mkangisa (24), omuhle sengathi ilanga liphuma, eTen Bompas Hotel eRosebank.

Lapho sihlangana kuba sengathi kudala sazana kodwa siyazi ukuthi yingoba ubuso bakhe sibujwayele ku-TV.

Find Love!

Men
Women