Lusavutha uthando

By Drum Digital
19 July 2013

Injabulo ibhalwe ebunzini nakuba uBuyile Mdladla noConnie unkosikazi wakhe bedlule ezinkingeni.

UTHANDO lwabo lufana nebumba likasimende.

Ziningi izinselelo asebedlule kuzo nebezivivinya umshado wabo nokho kuyabonakala ukuthi abagudluki ezifungweni zabo ezithi ebuhleni nasebubini ukufa kuphela okuyobahlukanisa.

Le sihlabani esesike sadlala koweGenerations nongumsakazi kuRadio 2000, uBuyile Mdladla nonkosikazi wakhe uConnie basanda kuvusezela izifungo zabo zomshado emcimbini obusendaweni kanokusho i-Apollo Room eSummer Place eseHyde Park, enyakatho yeGoli.

I-DRUM ilunywe indlebe ngaphambi kokuba uqale lo mcimbi.

Lo mcimbi obumuhle ngendlela eyisimanga ubuhanjelwe yizimenywa ezingama-90 okubalwa kuzo amalungu omndeni nabangane abasondele.

Find Love!

Men
Women