Naso-ke isihlabani

By Drum Digital
17 August 2011

Kungaba wukuthi akazange awudle umhlanganiso kuma-Idols nyakenye, kepha indlela aseyisihlabani ngayo eMzansi kwamele asabele ikhwelo ashiye ikhaya lakhe eliseduzane neTheku athuthele eJozi lapho izinto zenzeka khona. Impela impilo kaLloyd Cele isimatasatasa muva nje.

Sikhuluma nje usetholakala ohlwini lezimenywa ezibizwa ngo “most wanted” emicimbini, kanti futhi useke washiya nabathandi bobumnandi bekhalela impinda emicimbini emikhulu efana nowonobuhle uMiss SA pageant, kumaShoprite Women of the Year Awards  nasezinhlelweni eziningi zikathelevishini.

Find Love!

Men
Women