Sebenza kanzima

By Drum Digital
15 March 2013

Impumelelo yokudayiswa kwencwadi kaGayton McKenzie ingenye ye-zimpumelelo azenze ebambisene noKenny Kunene.

Usozigidi ophinde aphathe ingxenye ye-ZAR Empire uGayton McKenzie wenza ezibukwayo emakethe yezincwadi, ngencwadi yakhe entsha esishise izikhotha iHustler’s Bible.

U-Gayton (39) obambisene nosedume ngeleSushi King uKenny Kunene uhleka kuvele elomhlathi ngempumelelo yencwadi kamngane wakhe.

I-DRUM      ixoxe nabo ewotela elisha eliseSandton i-The Marlow.

Lo mbhali uyaziqhenya ngempumelelo yencwadi yakhe, abantu bayithenga ubuthaphuthaphu.

Kuze kwaphoqeleka ukuthi bakhiqize ezinye izincwadi njengoba kuphele izinsuku ezintathu sezidayiswe zonke izincwadi eziyi-20 000.

Find Love!

Men
Women