Simngumndeni kowe-Generations

By Drum Digital
02 August 2012

Inkinzi isematholeni. Kuyintokozo ukubona izingqwayingqwayi zabalingisi bakuleli besina bededelana nabalingisi abasebasha.

Lokhu kuyakhombisa ukuthi kukude lapho kuyiwa khona kwezokulingisa kuleli.

Kusobala ukuthi intsha ekulo mkhakha wezokulingisa izohlomula lukhulu kozakwabo abayizingwazi kwezikaqedisizungu.

Ngonyaka odlule le-soapie ehamba phambili kuleli iGenerations, ibusise abalandeli bayo ngomlingisikazi onekhono uNambitha Mpumlwana.

Kulula ukuxoxa nalo mlingisikazi ngoba unomusa futhi uzithobile.

Find Love!

Men
Women