U-Andile nokhisimusi

By Drum Digital
14 December 2012

U-Andile Carelse kaKhumbul' ekhaya uzekele iDRUM ngezinhlelo zakhe zokugubha usuku lukakhisimusi nomndeni wakubo.

Udilika emotweni yakhe kanokusho iMercedes Benz ngokuzethemba.

Kuyabonakala ukuthi ungowesimame osezingeni eliphezulu ofana nalaba abavame ukuvela nasohlelweni lwe-TV olubizwa ngokuthi, iReal Wives of Beverly Hills.

Lona owesifazane ohloniphekile ungena esitolo esiphambili semfashini esikunombolo-10 Bompass eDunkeld, eNyakatho neGoli.

Ngisho nonogada bayibuka le ntokazi baze bajike nayo baphangelana ngokuyibingelela no- kuyixhawula.

Akukholakali ukuthi  lo phumalanga sikothe oza kithi nguye lona othanda ukubukwa. U-Andile Carelese uneminyaka engama-39.

Find Love!

Men
Women