U-Jimmy Tau wezebhola

By Drum Digital
08 March 2013

Lesi sihlabani sithi ezemidlalo bezifana nesinkwa semihla ngemihla. Uyise washona sineminyaka emithathu vo ubudala.

NNgale kweminyango yezingi-lazi kune-reception desk  ekhangayo esamukelayo eBa-taung Memorials and Tombstones.

Yilapho   esihlangane khona nesihlabani sebhola lezinyawo nesasingukaputeni eqenjjini leKaizer Chiefs, umdlali owazicabela ikusasa lakhe ebholeni.

Amahhovisi asendaweni yama- bhizinisi eMeyerton, eNingizimu neGoli.

Emagumbini okusebenzela kukhona ne-hhovisi le-CEO ne-boardroom, womabili la magumbi asho ngamatafula obukhazikhazi nomhlobiso okwenza uqalaze igumbi lonke.

Yilapho-ke uJimmy Tau obelimele enkundleni yebhola ezinyangeni eziyisi-8 ezedlule abechitha isikhathi sakhe esiningi santambama khona.

Ungusomabhizinisi obambisene nezinkampani eziningi okubandakanya ukufana nesibongo sakhe, uBataung.

Find Love!

Men
Women