UBlaklez uthi umsuthi uDineo

By Drum Digital
31 May 2013

UBlaklez ukhuluma ngokuphoxeka nangesilonda esidalwe ngunina wangena yakhe uDineo Ranaka ngokumcekela phansi.

Ngonyaka wonke odlule ubesematheni ngokuthi uDineo Ranaka ahudulele phansi igama lakhe ohlelweni lwakhe olwenzeka ngempela iDineo’s Diary.

Yikho kanye lokhu okwe- nze umrepha uBlaklez wazogeqela i-DRUM amagula ngobudlelwano bakhe noDineo abaqala ukuphumela obala ngabo kulo lolu hlelo.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo nathi uBlaklez ukhiphe ingonyuluka ngalo nina wengane yakhe, owayengumsakazi weYFM nowethula uhlelo lomculo iClub 808 ku-e.tv.

UBlaklez uthi uDineo usemume emphinjeni futhi into emcasula kakhulu ngaye ukuthi ahambe eqamba amanga athi akayena ubaba oqotho.

Find Love!

Men
Women