Udlala i-Ace!

By Drum Digital
02 August 2013

Umlingisi weGenerations uPeter Moruakgomo usizeka ngezinselelo kwezikaqed' isizungu.

ABABUKELI be-soapie yodumo iGenerations abasoze bamlibala lo mlingisi obeyisi gelekeqe esisebenzela uKenneth Mashaba kulo mdlalo.

I-DRUM ithe ake iyomvusela ibuze kabanzi ngaphezu kwakho okwamanje.

Sithe sifika emzini wakhe oseDiepkloof eSoweto, uPeter Moruakgomo wasibingelela ngentokomalo.

Phela lona ngu-Ace, ongomunye wabalingisi esizifela ngabo kuGenerations.

Umuzi wakhe akulona uhlobo lwekhaya ongacabanga ukuba ngelikasaziwayo.

“Kodwa mina angiyena usaziwayo! Ephikisana nale nkulumo.

Find Love!

Men
Women