Ugcine ehlabene

By Drum Digital
29 March 2013

UDonald ukhuluma ngokuwina kwakhe kumaMetro FM Awards nendima unina ayidlalile ekubumbeni indoda ayiyo namhlanje.

WAYENGAZI nokuthi athini ngesikhathi eyogibela esiteji. Indlu yayigcwele ithe phama.

Kukhona wena saziwayo, zihlwele nabahlonishwa. Kwakuwumcimbi wamaMetro FM Music Award eshumi nambili.

Indawo kwakuseDurban International Conference Centre (ICC).

Ngaphambi nje kokuba aklonyeliswe ngale ndondo yeBest Produced Album ngecwecwe lakhe elisihloko sithi, Train Of Love, kwafika isimemezelo sokuthi le-albhamu isithengise yafinyelela ezingeni legolide.

Find Love!

Men
Women