Ukhamba lufuze imbiza kuKhaya Mthethwa

By Drum Digital
14 June 2013

Akazifeli amathe iziyalo zikayise, zimsizile waze wafinyela lapha ekhona - unjenjenje kungenxa yokuba nobaba oqotho angasoze amlibala nanini.

UKHAYA MTHETHWA usengundabamlonyeni emva kokudla umhlanganiso kuma-Idols aseSA nakuClash of the Choirs iminyaka ilandelana.

Bekusekuseni emakhazeni ashubisa umnkantsha uma sihlangana nalo mqobi (26) noyise uBaba uThemba Mthethwa (53), eCountry Club eNyakatho neTheku.

Uyaqala ngqa ukuzolumana indlebe nabezindaba nokuthwebula izithombe enoyise.

UKhaya ufana nse noyise.

Find Love!

Men
Women