Ukhomba ngophakathi

By Drum Digital
12 October 2012

Izinto zimhambela kahle uSeputla emva kokushiya koweGenerations. Unendathane yamaphrojekthi.

IsiZulu sithi ukuwa kwendlu ukuvuka kwenye.

Kwesinye isikhathi uma wesula emsebenzini abanye baye bacabange ukuthi ikhanda lakho alithathi kahle.

Kwaba njalo nakuye ngesikhathi eshiya ku-soapie ehamba phambili e-SA, kwathiwa kuphelile ngaye. Kodwa waqhubeka wayilaxaza yize kunjalo.

Amahlebezi okuthi ikhaya lakhe eliseCenturion lidliwe, nokuthi akasenalo ngisho nesenti asabalala njengomlilo wequbula.

Konke lokho ukuhleka usulu.

Find Love!

Men
Women