Umculi uneme

By Drum Digital
07 December 2012

Isihlabani somculo wokholo uKgotso unezizathu zokumamatheka - ungubaba onezingane ezimbili futhi uyadlodlobala.

WUMCULI womculo wokholo  uKgotso (owaziwa kabanzi ngoKgotso Makgalema), uthanda ukuzidlela indwangu esezingeni eliphezulu uhambela izindawo ezisezingeni eliphezulu njengakoSandton Square aphuze neziphuzo zegama babizane ‘ngo-comrade’ uma bengenzi lutho.

Lo  mculi oneminyaka eyi-26 ungumu- ntu obambelele emculweni wokholo. “Umculo uyisithombe okufanele usigci- ne,” kusho lo mculi ngesikhathi sixoxa naye ekhaya lakhe eliseKagiso eduze naseKrugersdorp, eGoli.

“Isudi engiyigqokayo ihambisana nomculo engiwuculayo.

Izihlabani ze-Hip Hop zigqoka ama-sneakers anemibala egqamile.

Ngisho  abantu abanjengoSolly Mahlangu noBenjamin Dube, bangabantu abagqoka kahle.”

Find Love!

Men
Women