Uphethwe yisibibithwa...

By Drum Digital
20 July 2012

Sihleli silindile, wena owabona umakoti elindele umyeni. Silinde ngabomvu ukubona leli geza elinentshebe ecwalwe ngobunono.

Sinentshisekelo yokuzwa izwi layo elipholile uma lizincengela kumkakhe, uThandaza Buthelezi. Kuningi esifisa ukukwazi ngalo mlingisi onethalente, uThemba Nofemele.

Sifuna ukwazi ngentokazi esempilweni yayo. Kuthiwa uthandana nomlingisikazi uBubu Mazibuko. Okunye, sifuna nokwazi nangendodana yakhe angakaze ayibone.

“Wo hhe, kwanzima,” kusho uThemba olingisa uRanthumeng kuMuvhango.

Lo mlingisi onedumela kuMuvhango usivulele isifuba ngempilo yakhe. Uthi ungayedwana okwamanje emva kokuhlukana nesiphalaphala esingu-mlingisikazi, uBubu Mazibuko.

“Asihlukananga kabi,” kusho uThemba. “Sisathelelana amanzi naye futhi siyahloniphana. Uyintokazi eqotho nezohlala isenhliziyweni yami.”

Ngaphandle kukaBubu, uThemba ube nobunye ubudlelwano obuholele ekubeni babe nendodana esineminyaka emine ubudala, uBen. “Mina nonina wendodana yami edabuka eJalimani sesahlukana,” kuchaza uThemba.

“UBen uhlala naye lapho,” ebeka. “Ngenkathi yeNdebe yo-Mhlaba ye-FIFA ngo-2006 ngangiseJalimani ngiyodansa. Ngathandana nonina kaBen nokwathi emva kwezinyanga ezintathu wazohlala nami eNingizimu Afrika.

Wakhulelwa ngaleso sikhathi.” Esikhundleni sokuba uthando lwabo luqine lo mntwana weza nesichitho.

Funda kabanzi ngalokhu kuDRUM – 26 July 2012

Find Love!

Men
Women