URingo nendodana yakhe uPhila

By Drum Digital
01 March 2013

Indodana yesihlabani somculo wezingoma zothando, uRingo Madlingozi, isiyabonakala kumdlalo kamabonakude i-Intersexions.

AKUBUZWA ukuthi bayazalana. Phela uRingo Madlingozi nendodana yakhe uPhila – bafana njengezithupha ziye ogwayini!

Bobabili bangamageza futhi izintokazi zisha amashushu ngabo.

UPhila, uyadlisa kulezi zinsuku. Selokhu eqalile ukubonakala kumabonakude abantu abawuvali umlomo ngaye.

Sihlangane naye noyise, eZoo Lake Bowling Club eGoli.

UPhila ubejahe ukuzithola ebumnandini bamaMetro FM Awards eThekwini nokusho ukuthi ubengasipha ihora libe linye nje vo.

Find Love!

Men
Women