Usezoqala kabusha

By Drum Digital
28 June 2013

Emva kosizi lokugqabuka kwefindo lomshado wakhe usekhiphe icwecwe elinezingoma ezichaza kabanzi.

Emva kweminjunju yosizi asedlule  kulo empilweni ebhekene nefu elimnyama uBongani Nchang, weqembu leMalaika elihamba phambili eNingizimu Afrika kumculo we-Afro pop, usedidiyele icwecwe elisha eliqukethe izingoma ezizokwenaba kabanzi ngasedlule kukho.

Sixoxe naye okokuqala emva kweshwa lokugqabuka kwefindo likasofasilahlane phakathi kwakhe nenkosikazi yakhe uNthabiseng, uthi usezimisele ngokuqala kabusha.

Isimo saba nzima kakhulu emva kokushiywa yinkosikazi yakhe wabe esezitholela intombi kodwa ngeshwa kwaba yinto yesikhashana ngoba wayengakalapheki kahle emoyeni okwaze kwaholela ekutheni imshiye intombi.

Wahlukumezeka kakhulu emoyeni waze walaliswa esibhedlela amahlandla amabili enyangeni eyodwa ngenxa yengcindezi.

Find Love!

Men
Women