Ushaya ngonyawo olusha

By Drum Digital
12 April 2013

UWinnie Modise uvuke nezindondo zamaRoyalty Soapie Awards asophe ukuhlonipha abakulo mkhakha.

WANGENA kumdlalo owuchungechunge wama-soapie iGenerations ezolingisa indawo kaKhethiwe Ngcobo izinyanga ezintathu nje vo.

Sekuyiminyaka eyisi-8 futhi indawo yakhe isithuthuke kakhulu njengoba engasaconsi phansi kubabukeli bayo.

Akasesona lesiya sidawudawu ayeyisona esafika.

Intombazane yasemakhaya eyafika izogada ingane ingazi lutho ngamadoda. Kulezi nsuku usenza izinto ezishiya ababukeli bebambe ongezansi njengale nkathi ehlelela ukuba kubulawe umyeni wakhe uKhaphela Ngcobo obe-dlalwa nguMike Mvelase.

Find Love!

Men
Women