Uthando lwabo luvutha bhe!

By Drum Digital
02 August 2013

UMinnie no-Itumeleng baqede amahlebezi okuphinga abesephenduke undab' uzekwayo eMzansi.

ITHI  indaba ingaba nkulu ingabe isazekeka – lokhu kushiwo uma abantu beshayana amakhanda ngodaba aba-ngenasiqiniseko ngalo.

Yilokho kanye okwenzeke kulezi zithandani eziyigugu zaseMzansi.

Abantu besebedlana imilomo ngodaba luka-Itu noMinnie, befisa ukwazi ukuthi ingabe basendawonye noma sebehlukene?

Sekuphele iminyaka emithathu uKaputeni weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune (26) nomethuli wezikamabonakude uMinenhle Dlamini (23) bengamagu-

ndane nekati nomphakathi obuzama ukuzwa ngezakamuva ngobudlelwano balezi zitha-ndani ezingondabamlonyeni.

Find Love!

Men
Women