Zimhambela kahle uPearl

By Drum Digital
17 May 2013

Selize lafezeka iphupho lakhe leminyaka lokulingisa kuSidingo, ababukeli abalindele ukumbona eshukumisa inkundla.

Ungene esemamatheka ema- hhovisi ethu aseSandton eGoli, kusobala ukuthi uPearl Thusi izinto zimhambela kahle empilweni.

“Namuhla usuku lwami lokuzalwa,” esho ngenjabulo.

“Uma ngiqeda ukuxoxa nani ngizobe sengiyoqopha neSidingo.”

Ungafunga ukuthi yingane ejabulele ukuba sesitolo samaswidi.

Lesi sipha- laphala esinamathalente ehlukene esineminyaka engama-25 ubudala sesizakhele igama kwezikaqed’isizungu, okubalwa kuzo ukwethula uhlelo olubizwa ngeReal Goboza ku-SABC1 neLive Amp.

Find Love!

Men
Women