Ibandla lithokozise izintandane

2015-06-11 06:00
Isithombe: Makhosandile ZULU
Abantwana namalungu ebandla i-Apostolic Faith Mission, enkundleni yezemidlalo eThembeni, lapho  bekujatshuliswa izingane zase Nokukhanya Luthuli Childrenand#039;s Home ngeledlule 

Isithombe: Makhosandile ZULU Abantwana namalungu ebandla i-Apostolic Faith Mission, enkundleni yezemidlalo eThembeni, lapho bekujatshuliswa izingane zase Nokukhanya Luthuli Childrenand#039;s Home ngeledlule 

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBANDLA laseThembeni i-Apostolic Faith Mission Hope Restoration Worship, libe nomcimbi wokujabulisa abantwana abayizintandane base-Nokukhanya Luthuli Children’s Home, ngoMhla ka-6 kuNhlangulana (June).

Lo mcimbi, obuhambisana nomkhankaso wokugqugquzela ukuvikelwa kwabantwana, phecelezi i-Child Protection Week, ubuse nkundleni yezemidlalo eThembeni.

UMama webandla, uMfu Nokubonga Sithole uthe, njenge bandla bakubona kubalulekile ukusebenzisana nekhaya lezi ntandane i-Nokukhanya Luthuli Children’s Home ukuze bezovuselela ithemba nokholo ezinganeni ezingenabo abazali nezihlobo.

Uthe: “Usuku lwanamhlanje lubalulekile ngoba sifuna ukujabulisa abantwana abayizintandane, nabanye abaphuma emakhaya lapho khona isimo sezimali singesihle. Inhloso yethu ukuthi sifuna labantwana bezizwe beyingxenye yomphakathi, futhi bazi ukuthi bengamalungu omndeni webandla lethu,” kusho yena.

Izingane zijabuliswe ngezindlela ezahlukahlukene, kubalwa umncintiswano kanobuhle, imijaho eyahlukahlukene, beqhudelana ngokungena emasakeni, begijima namaqanda bewebambe ngezipuni, bekukhona nomncintiswano wokudansa nokucula, kukhona ne-jumping castle.

Emva komncintiswano abantwana banikezwe izindondo namathoyizi ukubabonga ngokwenza kahle emidlalweni.

Owesifazane osebenzela leli khaya lezi ntandane, uNksz Hlengiwe Nkabinde uthe: “Siyazibongela izingane ngalolu suku njengoba zijabule kakhulu. Siyalubonga nebandla ngalokhu elikwenzile ngoba laba bantwana esihlala nabo abanamuntu obenzela izinto ezinjena, yingakho kusijabulisa nathi ngoba siyazi ukuthi nazo izingane zijabule kakhulu,” kusho uNksz Nkabinde.

UMfu Dumisani Sithole waleli bandla uthe: “Siyafisa futhi siyacela ukuthi umphakathi uxhase ibandla, njengoba sifisa ukuba nendlu yethu esingakhonzela kuyo,” kusho uMfu Sithole.

Uqhube wathi kubalulekile ukuthi ibandla libe nendlu yalo yokukhonzela, ukuze bazokwazi ukuqhubeka nokufeza zonke izinhlelo ezisiza umphakathi. UMfu Sithole ubonge bonke abanikele ngemali nangesikhathi sabo ukuqinisekisa ukuthu lolu suku lube yimpumelelo. Ubonge isitolo uBoxer ngokunikela ngokudla. Uthe: “Asiqali ukusebenzisana naleli khaya lezi ntandane, sijwayele ukuhambisa ukudla, kanti uma sihambisa ukudla sisuke sixhaswe abakwa-Food Bank South Africa noMfu Emmanuel webandla lama-Philadelphia, eStanger Manor,” kusho yena.

Uma kukhona onesifiso sokuxhasa leli bandla engaxhumana noMfundisi Sithole enombolweni ethi: 082 687 4628.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.