Ucela usizo emphakathini

2015-05-21 06:00
IsITHOMBE: NOSIPHO mKHIZE

UMnuz Njabulo Ndlovu ocela ukulekelelwa ekufezeni iphupho lakhe.

IsITHOMBE: NOSIPHO mKHIZE UMnuz Njabulo Ndlovu ocela ukulekelelwa ekufezeni iphupho lakhe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IINSIZWA edabuka eMzumbe esizinze eKloof, uMnuz Njabulo Ndlovu (25), onamathelente ahlukahlukene kubalwa ukulingisa, ukuhlobisa emcimbini (decorating) nokugijima, uthe unxusa osomabhizinisi nomphakathi, ukuba umlekelele ekufezeni amaphupho akhe njengoba ezichaza njengomuntu okhuthele kukona konke akwenzayo.

UMnuz Ndlovu uthe ungumuntu othanda ukufunda izinto ezintsha ezinekusasa elihle empilweni. “Ngiphothule izifundo zami zika matikuletsheni ngo-2003, esikoleni esise-Folweni eMasibongwe High School. Ngesikhathi ngisafunda ngenza izifundo ze-Drama nokuyilapho engabona khona ukuthi nginethalente loku lingisa,” kusho yena.

Uthe emva kokuba aphothule umatikuletsheni kwaba nzima ukuqhubeka nezifundo zakhe, njengoba ayenesifiso sokufundela nezifundo ze-Drama okuyizifundo zokulingisa, kodwa ngena yokungabi nayo imali yokufunda akazange aqhubeke nephupho lakhe.

Uthe: “Emva kokuphothula umatikuletsheni kwaba nzima ukuqhubekela phambili nezifundo, omunye wothisha ababengifundisa wazama ukungilekelela, kodwa nakhona kwaba nzima ngoba yonke into idinga imali futhi nomfundaze kahulumeni angikwazanga ukuwuthola,” kusho uMnuz Ndlovu.

Uqhube wathi ukhuliswe ngugogo wakhe kusukela esemncane. Umama wakhe wamazi ngo-2003, kodwa kwaba yisikhashana wedlula emhlabeni ngo-2008, okwenza impilo ibe nzima kakhulu.

Uthe: “Izinto zashintsha ngesikhathi kushona umama, ngoba uyena umuntu owayenginakekela yize ngamazi isikhathi esincane. Ngangihlala nomama lapho ayeshadele khona, ngesikhathi eshona wangishiya kulowo muzi, okubuhlungu wukuthi ngahlukumezeka kakhulu ngoba ngangingazalwa yilowo baba, ngoba wagcina esekhuluma amagama abuhlungu okuthi phela mina angizalwa nguye.”

Uthe konke lokhu kwenzeka nje, esafunda okwamenza aphazimiseke esikoleni.

Uthe wayeswela ngisho izingubo zokugqoka nokudla esikoleni.

Umsamariya olungilelo wabona ukuthi kunenkinga anayo wabe esemlekelela kulokhu akudingayo.

“Kunothisha obizwa ngokuthi uMnuz Dlamini, owayefundisa lapho engangifunda khona, wangithatha wangiphatha njengengane yakhe, engithengela izingubo zokugqoka nokudla. UNkosikazi wakhe umgumthungi futhi uhlobisa amatende emcimbini eyehlukene, wangifundisa konke okuphathelene nokuhlobisa, kuyimanje ngiwumpetha ekuhlobiseni,” kusho uMnuz Ndlovu.

Uthe njengamanje uhlala nomndeni wakwaNdlovu, abamulekelela ngoba bebona usizi lwakhe.

Uthe: “Ngahlangana nomndeni wakwaNdlovu, owangithatha ngahlala nawo ngoba bebona ngixakekile nokuthi kwaqondana ukuthi izibongo zethu ziyefana, bangitholela itoho okuyilona engizama ukuphila ngalo,” kusho yena.

UMnuz Ndlovu uqhube wathi iphupho lakhe wukuqala ibhizinisi elenza imisebenzi yonke ephathelene nokuhlobisa imicimbi, ucela umphakathi noma ngabe wubani onothando lokumlekelela ekufezeni iphupho lakhe. Uthe: “Ngingajabula uma kungaba khona umuntu ongangi lekeleka ekufezeni leli phupho ngoba ngiyazi ukuthi nginethalene lokuhlobisa futhi ngiwumuntu okhuthele kakhulu futhi ozithobile, “kusho yena.

Uma kukhona onesifiso sokulekelela uMnuz Njabulo Ndlovu angashayela inombolo ethi: 078 074 9264.

NGINGAJABULA UMA KUNGABA KHONA UMUNTU ONGANGI LEKELEKA EKUFEZENI LELI PHUPHO NGOBA NGIYAZI UKUTHI NGINETHALENE LOKUHLOBISA FUTHI NGIWUMUNTU OKHUTHELE KAKHULU FUTHI OZITHOBILE

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Land reform model fizzles

2016-09-25 08:24

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.