Ukhuthazwa ubunzima adlule kubona

2015-11-04 06:00
Isithombe: DARSHAN RANGAIUNksz Abigail Sindisiwe Makhaye ephethe incwadi yakhe.

Isithombe: DARSHAN RANGAIUNksz Abigail Sindisiwe Makhaye ephethe incwadi yakhe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE waseVerulam uNksz Abigail Sindisiwe Makhaye onothando lokubhala izincwadi nokuvikela umphakathi njengoba eyiphoyisa.

Uthe incwadi yakhe esanda kushicilelwa ikhuluma ngempilo yakhe kanti ufisa ukugqugquzela abafundi bezincwadi ngayo.

Le ncwadi, isihloko sayo esithi ‘Healing in Process’, ithinta izindaba ezihlukene kusukela ekuhlukumezekeni, ukungaphatheki kahle emoyeni, inzondo, uvalo, uthando, umusa nokudlulisa izinto empilweni yakho.

UNksz Makhaye wakhulela ekhaya lapho ukuhlukunyezwa kwabesifazane kwakuyinto eyamukelekile njengoba wakhuliswa uyise owaye nolaka enesihluku futhi.

Uthe: “Ngisakhula angikazi ngizwe ubaba wami engitshela ukuthi uyangithanda, kwakunzima kimina lokho. Kwakunzima kimina ukukhula kanje, isimo sasisibi, angifiseli muntu ukuthi aphile impilo enje.”

Uqhube wathi isifiso sakhe wukuthi le ncwadi ikhuthaze abantu besilisa nabesifazane ukuthi befeze amaphupho abo futhi bebeyithemba emndenini, kubangani nase msebenzini yabo.

Nakuba uNksz Makhaye wakhula kanzima, uthe konke ubunzima abhekana nabo ubusebenzisa ngendlela ezozuza yena.

Uvakashela izikole athule izinkulumo emcimbini ukuze ezogqugquzela abantu.

Encwadini yakhe uphinde akhulume ngabantu besilisa ayethandana nabo abamuzwisa ubuhlungu.

Uthe kodwa sewaxola ngoba lokho kumkhulisile njengo muntu wesifazane, kwamenza ukuthi azithembe.

Uthe: “Uma uzwa ubuhlungu akumele kube umuzwa okukhubazayo okwenza ulahlekelwe yithemba. Umu uzwa ubuhlungu kumele kwenzeke into enkulu. Kumele kube khona okufundayo ngaleso sigameko. Yonke into esengike ngabhekana nayo ngiyisebenziseukuthi ngibhale le ncwadi.”

Uthe ufuna ukuthi ubunzima abhekene nabo kulekelele abanye abantu.

Uthe isibusiso esikhulu empilweni yakhe amadodakazi akhe amabili.
Uthe uhlezi ekuqinisekisa ukuthi amadodakazi akhe ayakwazi ukuthi uyawathanda.

Uqhube wathi unethemba lokuthi wonke umuntu ozofunda incwadi yakhe uzoqinisekisa ukuthi izingane zabo ziyazi ukuthi ziyathandwa.

“Kubalulekile ukuthi zonke izingane zazi ukuthi ziyathandwa. Lokhu kunomthelela kwindlela ingane eziphatha ngayo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.