Abaholi be-ANC bagxeka ukuhlaselwa kwabalimi

2016-11-24 06:01
ISITHOMBE: ANDILE SITHOLE Inkosi yaseMaqadini uMnu Mqoqi Ngcobo (kwesobunxele) noMnu Yoga Govender ngesikhathi bephuma emhlanganweni owawuse siteshini samaphoyisa eVerulam.

ISITHOMBE: ANDILE SITHOLE Inkosi yaseMaqadini uMnu Mqoqi Ngcobo (kwesobunxele) noMnu Yoga Govender ngesikhathi bephuma emhlanganweni owawuse siteshini samaphoyisa eVerulam.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAHOLI beqembu le ANC sebephumele obala bagxeka izigameko zakamuva zokuhlaselwa kwabalimi epulazini elisendaweni yaseVerulam ngesonto eledlule bathi lokhu kakuhambisani nentando yeningi.

Ngesonto eledlule, ababhikishi ababalelwa ngaphezu kwekhulu bashisa amathayi bekhuza neziqubulo bezama ukuxosha ngenkani abalimi epulazini lase Inanda Tea Estate.

Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba i-ANC ithe: “Kuhlale njalo kunokushayisana phakathi kwabahlali basemijondolo kanye nabantu abasuke bakhele leyondawo. Uphiko olubhekelele ukususwa kwabantu abahlezi ezindaweni ngokungemthetho lubhekene nomsebenzi onzima. Kufanele sikugcizelele ukuthi ukuthatha umhlaba ngo dli akukho emthethweni ngoba lokho kuphinda kuthikameza amalungelo abahlali. Siphatheke kabi ngomthelela ongaba khona phakathi kwabantu abahlala kulendawo futhi sinxusa bonke abantu abathintekayo ukuthi behlise imimoya.”

UNobhala weqembu esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Super Zuma uthe izimfuno ezimayelana nomhlaba zisemthethweni futhi iqembu le-ANC liyaziphendula zonke izidingo zomphakathi. “Umhlaba ubaluleke kakhulu ekuhlangabezaneni nezingqinamba zobumba nokwentuleka kwamathuba emisebenzi. Iqembu le-ANC limi ekumeleni amalungelo abantu, kodwa liyaphikisana nokudliwa kwemihlaba ngokungekho emthethweni,” echaza.

Ngesikhathi kunombhikisho kwalimala abasebenzi basepulazi baphuthunyiswa ezibhedlela besisimweni esibucayi ngemuva kokuthi ababhikishi bebajikijele ngamatshe bezama ukubaxosha epulazini.

Ababhikishi baveza ukuthi bathole umyalelo oqhamuke enkosini yesaMaqadini iNkosi Mqoqi Ngcobo othi abathathe izindawo ezisepulazini lase Inanda Tea Estate.

Lokhu kwaholela ekutheni inkosi uNgcono ibize umhlangano ophuthumayo Phakathi kwabalimi kanye nabamele abahlali owawuse siteshini samaphoyisa eVerulam. Inkosi Ngcobo wakuphika ukuthi wake wakhipha umyalelo wokuthi abantu badle umdlaba. Ngesikhathi leliphephandaba lithinta omunye umlimi uMnu Willie Naicker (50) uthe: “Bekufanele sihlangane nabahlali ukuze sizwe izinto abakhala ngazo kodwa lokho kakuzange kwenzeke. Emhlanganweni owawuse Verulam kwavunyelwana ukuthi kuzoba nomhlangano Phakathi kwabalimi kanye nabahlali, kodwa sibona kungekho muntu oza kithi. Siyafisa ukuxoxa ne-ANC ukuze sithole izikhalazo zabahlali. Lapha epulazini sinezisebenzi ezibalelwa ema-500, zonke ziyadinga ukwazi ukuthi kwenzekani epulazini,” echaza.

Ngesikhathi sokuloba abaphoyisa ase Verulam abephenya icala lokususa uthuthuva emphakathini, bekungakabosha muntu ngalesi sigameko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.