Babhikishele ukunqanyulelwa ugesi womnkonkothelo eVerulam

2016-08-25 06:00
Amalungu omphakathi wase Canelands eVerulam avale umgwaqo uR102 ngamatshe namathayi avuthayo ebhikishela ukukhishwa kwezintambo zikagesi ezifakwe ngokungekho emthethweni.  ISITHOMBE: Sithunyelwe

Amalungu omphakathi wase Canelands eVerulam avale umgwaqo uR102 ngamatshe namathayi avuthayo ebhikishela ukukhishwa kwezintambo zikagesi ezifakwe ngokungekho emthethweni. ISITHOMBE: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KULIMALE imoto yamaphoyisa ngesikhathi amalungu omphakathi ebhikisha ekhala ngokukhishwa kwezintambo zikagesi ezixhunywe ngokungekho emthethweni endaweni yaseCanelands eVerulam ngoMgqibelo, 20 August.

Ababhikishi abebethukuthele begane unwabu bavale ngamatshe nangamathayi avuthayo umgwaqo uR102 obheke esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport besole uMasipala weTheku namaphoyisa ngokunqanyulwa kwezintambo zikagezi ezifakwe ngokungekho emthethweni.

Lokhu kuholele ekutheni indawo yonke yase Canelands isale ingenawo ugesi ngemuva kokunqanyulwa kwezintambo zikagesi ezixhunywe ngokungekho emthethweni.

Lesenzo sithukuthelise kakhulu umphakathi wavuka ngovivi washisa amathayi wavala umgwaqo usola namaphoyisa ngokuba nesandla ekubhongculweni kwezintambo zikagesi.

Ngesikhathi kufika amaphoyisa amalungu omphakathi abebalelwa ngaphezu kwamakhulu amane ajikijele izimoto zamaphoyisa ngamatshe ehaya iziqubulo ezingahambisani nokukhishwa kwezintambo zikagesi endaweni.

Kuze kwadingeka kungenelele ikhansela lendawo uMnuz. Geoff Pullan ababhikishi befuna ukuwabamba ngezandla amaphoyisa.

Amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba nesisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza ababhikishi abebewotha ubomvu befuna izincazelo ngokunqanyulelwa ugesi womnkonkothelo.

Ikhansela leDA uMnuz Geoff Pullan unxuse amalungu omphakathi ukuthi ehlise imimoya. Uphinde watshela ababhikishi ukuthi bangalimazi impahla kodwa bethule izikhalo zabo ngendlela eyamukelekile.

Okhulumela amaphoyisa aseVerulam uKapteni Mark Prakasim ukuqinisekisile ukuthi kulimale iveni yamaphoyisa ngesikhathi kunombhikisho.

“Kulimale iveni yamaphoyisa ngesikhathi ababhikishi bejikilela amaphoyisa ngamatshe. Kuze kwafika ikhansela lendawo laxoxa nalamungu omphakathi abebalelwa emakhulwini amane. Kuze kwaphoqeleka ukuthi amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi nezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza ababhikishi,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Land reform model fizzles

47 minutes ago

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.