Bafuna izimpendulo eMnyangweni wezeNhlalakahle

2016-09-01 06:00

IQEMBU le Democratic Alliance esifundazweni saKwaZulu-Natal seliphonsele inselelo uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uWeziwe Thusi ukuthi aphumele obala ngezingqinamba ezibhekene nezinhlangano zomphakathi ezingenzi nzuzo.

Lokhu kuze ngemuva kokuthi izinhlangano ezehlukene eVerulam, Thongathi nase Phoenix zimashele emahhovisi oMnyango wezeNhlalakahle ePhoenix ngesonto eledlule zikhala ngemibiko esabalele yokuthi zingase zinqanyulelwe izimali eziqhamuka kuhulumeni wesifundazwe.

Esitatimendeni esithunyelwe leliphephandaba iDA ithi: “Ungqongqoshe uthe umnyango wakhe awuzimisele ngokunswinya izinhlangano ezingenzi nzuzo, kodwa wathi lokhu abakwenzayo wukubheka ukusebenza kwezinhlangano zonke. Siyalwamukela uhlelo lomnyango lokubheka ukusebenza kwezinhlangano ezingenzi nzuzo kanye nokubheka indlela ezisebenzisa ngayo imali. Kodwa lokhu kakwenzi mehluko ekuqedeni uvalo kanye nokwesaba osekukhona kulezinhlangano njengoba kunemibiko yokuthi zingase zingalutholi uxhaso lwezezimali.”

Ngesonto eledlule izinhlangano zomphakathi zaba nombhikisho zihambisa uhlu lwezikhalazo emahhovisi oMnyango wezeNhlalakahle ePhoenix zikhala ngohlelo olusha oluhlongozwa ngumnyango.

Ingebhe iqale ngesikhathi ezinye izinhlangano kubikwa ukuthi zithole imibiko iqhamuka emazikweni oMnyango weZenhlalakahle uzazisa ngohlelo olusha lukahulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal, obeluziphoqa ukuthi kugcine kuvalwe ezinye izikhungo. Osonhlalakahle kanye namavolontiya aqhamuka ezindaweni ezahlukeni akhala ngokungabi bikho kokuxhumana okuqondile phakathi komnyango kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo.

Okhulumela iqembu leDA eMnyangweni wezeNhlalakahle KwaZulu-Natal uDkt Rishigen Viranna uthe: “Sidumele kakhulu ngenkulumo eyenziwe ngungqongqoshe emhlanganweni nezinhlangano zomphakathi. Sikholwa wukuthi ulimi lukangqongqoshe lumbaxambili futhi lunenhloso yezepolitiki. Kuzwakala sengathi ungqongqoshe uqonde ukuthi uhulumeni engakwazi ukuhlinzeka kangcono umphakathi ngezidingo ezenziwa yizinhlangano zomphakathi,” kusho yena.

UDkt Rishigen uqhube wathi umbiko wezezimali wonyaka ka 2015/16 ukhombisa ukuthi uMnyango wezeNhlalakahle wasebenzisa imali encane kunaleyo eyayiyisilinganiso esingu R98m.

“Ngesikhathi ezama ukuchaza lenhlekelele, ungqongqoshe ugcine esola umgcini zimali, uMnyango weZemisebenzi kanye nezinhlangano zomphakathi ngokwehluleka ukuqasha osonhlalakahle, ukugcina izingqalasizinda zisesimeni esigculisayo kanye nokukhokhela izindleko zezinhlangano ezingenzi nzuzo. Emhlanganweni wakamuva wokwethulwa kohlelo lokusetshenziswa kwezezimali, kuyavela ukuthi umnyango usebenzise imali engaphezu kuka R104.48m ezintweni ezingahlelelwe,”kuphetha yena.

UNksz Zandile Shange ongusonhlalakahle esikhungweni sabakhubazekile eVerulam uthe badinga izimpendulo kungqongqoshe kanye naseMnyangweni weZenhlalakahle ngokushesha.

“Uma umnyango usinciphisela izimali lokho kuzosilimaza kakhulu njengoba kuzodingeka ezinye izisebenzi zilahlekelwa umsebenzi. Umphakathi uthembele kakhulu ezikhungweni ezingenzi nzuzo, ukuvalwa kwazo kuzohlukumeza umphakathi. Siyethemba ungqongqoshe uzokwazi ukuphendula imibuzo yethu,”echaza.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango weZenhlalakahle esifundazweni iphunzile kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.