Bakhala ngedamu lamanzi elisegcekeni

2016-09-01 06:00
Umndeni wakwaNgiba oThongathi sewusabise ngokuthathela uMasipala weTheku izinyathelo zomthetho ngokuvuza kwepayipi lamanzi. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Umndeni wakwaNgiba oThongathi sewusabise ngokuthathela uMasipala weTheku izinyathelo zomthetho ngokuvuza kwepayipi lamanzi. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE waselokishini lase Hambanathi oThongathi usesabise ngokuthathela uMasipala weTheku izinyathelo zomthetho njengoba ethi umuzi wakhe usuphenduke ixhaphozi ngenxa yamanzi aqhamuka epayipini lamanzi elivuzayo.

UNkk. Maria Ngiba (38) utshele leliphephandaba ukuthi lamanzi asephenduke isiphethu phambi komuzi wakhe izinyanga ezine kanti leli xhaphozi liqala esangweni.

“Ngizame kakhulu ngibika ukuvuza kwamanzi aqhamuka kuleli payipi elingaphandle kuMasipala weTheku ukuze balilungise. Bayafika kodwa bagcine bengakwazanga ukulilungisa. Abafika kuqala bakuqinisekisa ukuthi lamanzi avuzayo aqhamuka epayipini elingaphansi, baphinde basho ukuthi kakusona isiphethu kodwa kuvuza ipayipi lamanzi elingaphandle komuzi wami,” kusho uNkk. Ngiba.

Uthi usecabanga nokuludlulisela kubameli bakhe loludaba ngoba engazi ukuthi ungakanani umonakalo owenzekayo.

Uphinde wathi lamanzi asephenduke isizinda sokuzalela omiyane.

”Asisakwazi nokuhamba ngokukhululeka engcekeni ngenxa yalamanzi avuzayo. Kuyoze kube nini ngihlala exhaphozini? Sengizame ngakho konke okusemandleni ukuthola isixazululo kulenkinga engibhekene nayo kodwa angilutholi usizo,” kusho yena.

Ikhansela lendawo uNksz. Zanele Chili uthe umasipala unenkinga enkulu yokuvuzelwa amapayipi amanzi amadala iTheku lonke.

“Kuyinkinga ekhungethe uMasipala weTheku lonke.

“ Amapayipi amadala amanzi ayavuza achithekele ezindlini zabahlali. Ngike ngayibona imigwaqo enenkinga efana nalena, kodwa siyazama ukulungisa.

“Into engingayisho ukuthi bonke labo abanezinkinga ngamanzi avuzayo kumele bafike ehhovisi lami sibone ukuthi bangasizakala kanjani. Kufanele bafike nezinombolo abazithole kamasipala ezingubufakazi bokuthi bazibikile izinkinga zabo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/Sport

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.