Bakhuthaza intsha iqale amabhizinisi

2017-03-30 06:02
UMnu Thabiso Gumede (kwesobunxele) noMnu. Fana Mcambi bakhuthaza intsha iqale amabhizinisi.ISITHUNYE: Sithunyelwe

UMnu Thabiso Gumede (kwesobunxele) noMnu. Fana Mcambi bakhuthaza intsha iqale amabhizinisi.ISITHUNYE: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMABHUNGU amabili asoThongathi anxusa intsha esifundazweni saKwaZulu-Natal ukuba isukume iziqalele amabhizinisi ukuze ikwazi ukuxosha ikati eziko.

UMnu. Thabiso Gumede (25) noMnu. Fana Mcambi (25) bafikelwe umbono wokuqala inkampani yokudayisa izimpahla zokugqoka besafunda isikole ngowezi-2013 befunda esikoleni iFairbreeze. Lenkampani ibizwa nge-RYT THRU.

Isizathu esenze basukume bazame izindlela zokwenza imali wukubona amabhizinisi amancane efadabala nokungadlondlobali kwabantu abanyama emabhizinisini.

UMnu. Gumede uthe esinye isizathu esimenze wabhukula ukufuna ukuzimela angathembeli kubazali bakhe.

Nakuba izinto zingazange zihambe kahle besaqala kodwa bobabili bathi babona ibhizinisi labo lokuthunga izimpahla zokugqoka lidlondlobala.

UMnu Gumede utshele leliphephandaba ukuthi uqale ibhizinisi ngemali ayinikwa ekhaya ukuthi ayokwenza izincwadi zokushayela.

“Ekhaya banginika imali yokuyokwenza izincwadi zokushayela engu R1 500. Ngokubona isimo sezinto nokuba nombono wokuvula ibhizinisi ngabe sengithatha lemali ngiqala ngayo ibhizinisi. Nakuba singakabi nayo kahle indawo lapho sisebenzela khona kodwa amakhasimende ethu amaningi akhombisa intshisekelo kukho konke esikwenzayo,”kuchaza yena.

Uqhube wathi inhloso yokuqala ibhizinisi bekuwukukhombisa intsha esifundazweni ukuba isukume iziqalele amabhizinisi.

“Siqede esikoleni ngonyaka wezi-2009 saqhubekela ezikhungweni zemfundo ephakeme. Sibone kuwumqondo omuhle ukuba singabi wumthwalo kubazali bethu, sabe sesiziqalela ibhizinisi lethu,” kuchaza uGumede.

UMnu Gumede udabuka elokishini lase Hambanathi oThongathi kanti uMcambi uhlala endaweni yase Vanrova, budebuduze nedolobha uThongathi. Izimpahla abazidayisayo amakepisi, amabhulukwe, izikibha nokunye okuningi. Zonke izimpahla zinombhalo othi Ryt Thru.

“Kusukela sisafunda esikoleni besinombono wokuqala ibhizinisi. Asigcini nje ngokuzama imali, siphinda sinikele emiphakathini. Muva-nje sisanda kunikeza abafundi basesikoleni sase Ndwedwe ama-sanitary pads. Siphinde sinikeze imiphakathi ehlwempu ukudla nezimpahla zokugqoka. Asigcinanga lapho siphinde sasiza abafundi ezikoleni ezahlukene. Sifuna ukubona kuvuleka amathuba emisebenzi kuhlomule imiphakathi yangakithi. Futhi sifuna ukuthi abathungi abasafufusa bakwazi ukuthola ithuba lokuziveza.

“Lonyaka esikuwo ngowesine siliqalile ibhizisisi nakuba sisahlangabezana nezinkinga ekudayiseni izimpahla zethu. Okwamanje sizibambele thina ekudayiseni izimpahla nokuzihambisa kubantu abasuka befuna ukuzithenga.

“Ngiphume ngingena eminyangweni eyahlukene ngizama ukuthola usizo kodwa akubanga yimpumelo. Sigcine sibona kungcono sizibambele thina ngokwethu.”

Ngeminye imininingwane ungaxhumana noThabiso Gumede kulenombolo 074 073 3402.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
There's an app for that: how apps have changed us

"There's an app for that" is more than just Apple's marketing mantra. Mobile apps have emerged over the last 10 years or so for practically every need in a person's day and changed our lives.

/Sport
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.