Baludlulisela phambili elobuholi abakwaShembe

2016-10-20 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE Umholi wase Thembezinhle Inkosi uMnu Vela Shembe (phakathi nendawo) owine icala enkantolo enkulu eThekwini kanye nabalandeli bebandla lakhe ngemuva kokuphuma kwesinqumo secala.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Umholi wase Thembezinhle Inkosi uMnu Vela Shembe (phakathi nendawo) owine icala enkantolo enkulu eThekwini kanye nabalandeli bebandla lakhe ngemuva kokuphuma kwesinqumo secala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UHLANGOTHI lwaseBuhleni oluholwa yinkosi Mduduzi Shembe luzodlulisela icala enkantolo yaseMgungundlovu ngemuva kokuthi inkantolo enkulu yaseThekwini ikhiphe isinqumo esivuna uhlangothi oluholwa yinkosi yaseThembezinhle uMnu. Vela Shembe.

Ngokusho kommeli omele uhlangothi lwaseBuhleni uMnu. Rajesh Choundree utshele izindimbane zabalandeli baleli bandla ebezibuthene e-Albert Park eThekwini ukuthi bazimisele ukulwedlulisela phambili loludaba.

Uthe basalinde umqingo wamaphepha aqukethe imininingwane ngesahlulelo sejaji kuzothi uma sebesitholile basicubungule bese beludlulisela enkantolo yaseMgungundlovu ukuthi ibuyekeze isinqumo sejaji lase Thekwini.

“Sinazo izizathu zokuphikisa isinqumo sejaji kodwa sizolinda ukuthola ikhophi yesahlulelo sejaji bese ithimba lethu lihlala phansi lisibuyekeze. Sizobe sesiba nezinye izizathu eziningi zokuphikisa isinqumo senkantolo esithathwe namhlanje. Inkantolo ingivumelile ngiludlulisele phambili loludaba ngoba ikholwa wukuthi enye inkantolo ingathatha isinqumo esehlukile kunalesi esithathwe enkantolo yaseThekwini,” echaza.

Isidididi ngokuthi ngubani okufanele ahole ibandla lamaNazaretha saqala ngesikhathi kukhothama inkosi Vimbeni Shembe ngowezi -2011. Ummeli weNkosi Vimbeni uMnuz Zwelabantu Buthelezi waveza incwadi ekhomba ukuthi umholi ongasekho waqoka uMnu. Vela kanti inkosi yasemaQadini uMqoqi Ngcobo waphakamisa igama lenkosi uMduduzi Shembe njengokumele ahole ibandla. Lokhu kwaholela ekuhlukaneni phakathi kwebandla lime amaqembu amabili.Ijaji Achmat Jappie uvumile ukuthi uhlangothi lwase Buhleni lwedlulisele icala enkantolo yase Mgungundlovu okulindeleke liqale ngonyaka ozayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.