Bazobhema bakholwe edilini lomculo

2016-12-15 06:01
xxxx ISITHOMBE: SITHUNYELWE

xxxx ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTAKA ibekelwe amazolo edilini lomculo okuzobe kuboshelwe izingqungqulu zomculo onhlobonhlobo emcimbini ozobe usezinkundleni zemidlalo iGroutville, KwaDukuza ngomhla zingama-27 KuZibandlela(December).

Kuleli dili lomculo kuzobe kuboshelwe abaculi abehlukene okukhona kubo iMafikizolo, Zahara, Mbijana Sibisi noMaqhinga Radebe. Lenqophamlando yedili lomculo ebizwa ngokuthi yi-Awesome Ilembe Music festival izoqala ngomcimbi ozoba sesikhungweni sokugcina amagugu iLuthuli Museum bese kuqhutshekelwa ezinkundleni zemidlalo eGroutville lapho kuzobe kushikisha khona ufudu phakathi kwabaculi abazobe beshiyelana inkundla.

Lo mcimbi uhlelwe wuMnyango wezobuCiko namaSiko nabadidiyeli bakwa-Awesome Africa festival productions. Kulindileke abantu abaqhamuka ezindaweni zaKwaDukuza, Mandeni, Ndwedwe, Maphumulo nezinye ezisondelene nalendawo.

Kulindeleke kubekhona abaculi abangama-20, kusukela kubaculi abasafufusa kuya kwabasebemkantshubomvu endimeni yomculo. Okulindeleke babe khona kuleli dili lomculi ngu-Theo Kgosinkwe ozobe ehambisana noNhlanhla Ncinza, Kwela noMarabi bazobe benandisa kulomcimbi. Kanti akasalanga ngaphandle uDavid Jerkins odume ngelika Qadasi kubathandi bomculo wesiNtu. Uzobe ehambisana nomngani wakhe abacula naye uMaqhinga Hadebe.

Abanye abaculi abasohlwini lwabazonandisa kulelidili lomculo kubalwa iGroutville Hip Hop All Stars, Uhuro Poets Society, Drummers of Burundi, Feast of Famine, Nancy G, Mashabuque, Kwini Kusa, Kalakar, Zamalinda Mbatha, Bonginkosi Buthelezi, Fenyeza, Galaza, Kwenzo Ndlovu, Siyanda Maphumulo, DJ Chief noDJ TPM.

Inhloso yalomcimbi ukuqhakambisa amakhono abaculi abasafufusa nokuhloswe ngawo ukuveza abaculi abasathuthuka emiphakathini. Ungqongqoshe wezobuCiko manaSiko uNksz Bongi Sithole uthe izndawo ezingamagugu ezifana ne King Shaka Heritage, Chief Albert Luthuli’s Museum, Ndondakusuka Hills nentaba iNhlangakazi kwenza babone lomcimbi uba nekusasa eliqhakazile eliya phambili. Uqhube wathi kuyajabulisa kakhulu ukubona isasasa lezobumnandi liya ngokudlondlobala ngenhloso yokuletha ubumnandi emiphakathini. Umcimbi uqala ngehora lesi-9 uze uphele ngo-6:30 ntambama.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/South Africa

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.