Ingoduso igwaze yabulala isoka

2017-05-04 06:00

Andile.Sithole@media24.com

UVELE enkantolo yaseVerulam owesifazane oneminyaka yobudala engama-32 obhekene necala lokugwaza abulale isinqandamathe sakhe ngempelasonto eyedlule edolobheni uThongathi. UNksz.

Nokulunga Mzobe ubekwe icala lokubulala uMnu. Mzwandile Phakathi(26).

Umsolwa kubikwa ukuthi ube nengxabano nesoka lakhe, uMnu. Phakathi ngesikhathi bephuma endaweni yokucima ukoma esenkabini yedolobha uThongathi. Kusolwa ukuthi umsolwa uzame ukuthatha umakhalekhukwini kamufi ngenkani. Kubikwa ukuthi umufi uzamile ukwenqaba nomakhalakhukwini wakhe, umsolwa ube segwaza esifubeni. Lesigameko senzeke ngaphambi kwesikhumulo samabhasi oThongathi. Umufi kusolwa ukuthi uzamile ukubaleka eyofuna usizo ngemuva kokugwaza, kodwa wase ephelelwa ngamandla wawa phansi budebuduze nesikhumulo samabhasi, lapho eshonele khona.

Amaphoyisa asoThongathi akuqinisekisile ukuthi umsolwa nomufi bebephuzile ngesikhathi kwehla lomshophi. Umufi ungowokudabuka endaweni yaseMona, ngaphandle kancane kwaso Thongathi. Okhulumela amaphoyisa asoThongathi uWarrant Officer Manisha Maharaj-Marie uthe. “Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngemuva kokuba umsolwa egwaze wabulala isoka lakhe phambi kwesikhumulo samabhasi enkabini yedolobha uThongathi. Ngesikhathi kufika amaphoyisa umufi ubelele ngesisu enemanxeba okugwazwa esifubeni. Amaphoyisa abe esebopha umsolwa.”

Ilunga lesigugu esibhekelele inhlalo yomphakathi(CPF) uMnu. Anthony Gumede uthe umphakathi usashaqekile ngemuva kokubulawa kuka Mnu. Phakathi. UMnu. Gumede uthe:“Sithole umbiko wokuthi kukhona umuntu olele eduze nerenki. Sithe uma sifika sathola ukuthi umufi ugwazwe intombi yakhe kubangwa umakhalekhukhwini.

“Izenzo ezifuze lezi zishiya umphakathi ushaqekile kakhulu.Ngesikhathi sifika abantu abebebuthene endaweni yesigameko bebebonakala ukuthi basathuthumela ngenxa yokwesaba obekwenzekile. Sifice umufi eselele phansi eduze kwamatafula amadayisi. Sase sesibona ukuthi ushonile sabiza amaphoyisa. Singakuqinisekisa ukuthi ngokombiko otholakale endaweni lesikameko, umsolwa ubezama ukuphuca umufi umakhalekhukhwini wakhe ngesikhathu kusuka ingxabano. Bebephuzile bobabili. Lomfana oshonile ubesebenza kwenye yezindawo zokucima ukoma enkabini yedolobha. Ushona nje bebephuma khona nentombi yakhe. Lokhu kushiya umbuzo wokuthi umsolwa ubewuphethe kanjani ummese esendaweni yokucima ukoma ngoba abantu abangena khona kufanele baseshwe ukuthi kabaziphethe yini izinto ezingaba yingozi.”

UMnu. Gumede ushayele ihlombe isenzo samaphoyisa asoThongathi ngokubopha umsolwa. UMnu. Gumede ugxeke amanikazi bezindawo zokucisha ukoma ngokuyekethisa umthetho kubantu ababadayisela utshwala. “Abanikazi bezindawo zokucisha ukuma abaqikeleli ukuthi uma umuntu engena ngaphakathi bese bemsesha ukuze angangeni nesikhali. Kwesinye isikhathi abantu abaphuza kulezindawo bahlala ngaphandle namabhodlela otshwala, bese kuthi uma bexabana bagwazane ngawo. Ngokomthetho abavunyelwe abantu ukuthi baphumele ngaphandle namabhodlela otshwala, kodwa konke lokhu kusezandleni zabanikazi bezindawo zokucima ukoma.”

 

UVELE enkantolo yaseVerulam owesifazane oneminyaka yobudala engama-32 obhekene necala lokugwaza abulale isinqandaMathe sakhe ngempelasonto eyedlule edolobheni uThongathi.  UNksz.
Nokulunga Mzobe ubekwe icala lokubulala uMnu. Mzwandile Phakathi(26).

Umsolwa kubikwa ukuthi ube nengxabano nesoka lakhe, uMnu. Phakathi ngesikhathi bephuma endaweni yokucima ukoma esenkabini yedolobha uThongathi. Kusolwa ukuthi umsolwa uzame ukuthatha umakhalekhukwini kamufi ngenkani. Kubikwa ukuthi umufi uzamile ukwenqaba nomakhalakhukwini wakhe, umsolwa ube segwaza esifubeni. Lesigameko senzeke ngaphambi kwesikhumulo samabhasi oThongathi. Umufi kusolwa ukuthi uzamile ukubaleka eyofuna usizo ngemuva kokugwaza, kodwa wase ephelelwa ngamandla wawa phansi budebuduze nesikhumulo samabhasi, lapho eshonele khona.

Amaphoyisa asoThongathi akuqinisekisile ukuthi umsolwa nomufi bebephuzile ngesikhathi kwehla lomshophi. Umufi ungowokudabuka endaweni yaseMona, ngaphandle kancane kwaso Thongathi.

Okhulumela amaphoyisa asoThongathi uWarrant Officer Manisha Maharaj-Marie uthe.

“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngemuva kokuba umsolwa egwaze wabulala isoka lakhe phambi kwesikhumulo samabhasi enkabini yedolobha uThongathi. Ngesikhathi kufika amaphoyisa umufi ubelele ngesisu enemanxeba okugwazwa esifubeni. Amaphoyisa abe esebopha umsolwa.”

Ilunga lesigugu esibhekelele inhlalo yomphakathi(CPF) uMnu. Anthony Gumede uthe umphakathi usashaqekile ngemuva kokubulawa kuka Mnu. Phakathi.

UMnu. Gumede uthe:“Sithole umbiko wokuthi kukhona umuntu olele eduze nerenki. Sithe uma sifika sathola ukuthi umufi ugwazwe intombi yakhe kubangwa umakhalekhukhwini.

“Izenzo ezifuze lezi zishiya umphakathi ushaqekile kakhulu.Ngesikhathi sifika abantu abebebuthene endaweni yesigameko bebebonakala ukuthi basathuthumela ngenxa yokwesaba obekwenzekile. Sifice umufi eselele phansi eduze kwamatafula amadayisi. Sase sesibona ukuthi ushonile sabiza amaphoyisa. Singakuqinisekisa ukuthi ngokombiko otholakale endaweni lesikameko, umsolwa ubezama ukuphuca umufi umakhalekhukhwini wakhe ngesikhathu kusuka ingxabano. Bebephuzile bobabili. Lomfana oshonile ubesebenza kwenye yezindawo zokucima ukoma enkabini yedolobha. Ushona nje bebephuma khona nentombi yakhe. Lokhu kushiya umbuzo wokuthi umsolwa ubewuphethe kanjani ummese esendaweni yokucima ukoma ngoba abantu abangena khona kufanele baseshwe ukuthi kabaziphethe yini izinto ezingaba yingozi.”

UMnu. Gumede ushayele ihlombe isenzo samaphoyisa asoThongathi ngokubopha umsolwa.

UMnu. Gumede ugxeke amanikazi bezindawo zokucisha ukoma ngokuyekethisa umthetho kubantu ababadayisela utshwala. “Abanikazi bezindawo zokucisha ukuma abaqikeleli ukuthi uma umuntu engina ngaphakathi bese bemsesha ukuze angangeni nesikhali. Kwesinye isikhathi abantu abaphuza kulezindawo bahlala ngaphandle namabhodlela otshwala, bese kuthi uma bexabana bagwazane ngawo. Ngokomthetho abavunyelwe abantu ukuthi baphumele ngaphandle namabhodlela otshwala, kodwa konke lokhu kusezandleni zabanikazi bezindawo zokucima ukoma.”

 

 

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.