Intsha kaKhongolose ikhethe amalungu amasha

2016-12-08 06:01
Amalungu amasha akhethiwe entsha yeqembu le-ANCYL nguMnu. Thulani Mhlongo (kusuka kwesobunxele), Nksz. Nozipho Ndwandwe, Nksz. Ntombifuthi Nxumalo, Mnu. Thabiso Gumede, Nksz. Thembakele Ngcobo, Mnu. Xolani Matinise, Mnu. Mnqobi Mthethwa noNksz. Philisiwe Gumede. Photo:

Amalungu amasha akhethiwe entsha yeqembu le-ANCYL nguMnu. Thulani Mhlongo (kusuka kwesobunxele), Nksz. Nozipho Ndwandwe, Nksz. Ntombifuthi Nxumalo, Mnu. Thabiso Gumede, Nksz. Thembakele Ngcobo, Mnu. Xolani Matinise, Mnu. Mnqobi Mthethwa noNksz. Philisiwe Gumede. Photo:

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTSHA yeqembu le-ANC kuwadi 62 ikhethe amalungu amasha ayi-13 azongena ebuholini bophiko lwentsha yeqembu i-African National Congress Youth League (ANCYL) emhlanganweni wonyaka obewubanjelwe oThongathi muva nje.

Lamalungu amasha aqokiwe akhethelwe ukuhola kuze kube ngunyaka ozayo njengoba ukukhethwa kwalabaholi kuze ngemuva kwesikhathi eside lungekho uphiko lwentsha yeqembu endaweni. Abaqokiwe kube nguMnu. Xolani Matinise (usihlalo), Nksz. Thembakele Ngcobo(usekela sihlalo), Mnu. Mnqobi Mthethwa(unobhala), Nksz. Ntombifuthi Nxumalo(usekela nobhala) noMnu Thabiso Gumede(umgcinimafa).

Amalungu okwengeza kube nguNksz. Nompumelelo Chili, Nksz. Ayanda Tshila, Nksz. Nqobile Gumede, Nksz. Philisiwe Gumede, Mnu. Mxolisi Lokothwayo, Mnu. Khaya Mthembu, Nksz. Nozipho Ndwandwe noMnu. Thulani Mhlongo.

Unobhala weqembu uMnu. Mnqobi Mthethwa uthe ukuvuselelwa kobuholi bophiko lwentsha endaweni kwenzeke ngemuva kokuba bethole izingcingo eziningi ziqhamuka ebuholini besifundazwe kanye nakubaholi besigceme bebagqugquzela ukuthi kube khona uphiko lwentsha lweqembu oluzosebenza ngokugcwele lulethe intuthuko emphakathini.

“Umthethosisekelo weqembu le-ANC uthi igantsha elinamalungu okuqina kufanele libe nawo umhlangano wonyaka(AGM). Isithunywa ebesiqhamuka eThekwini sibe sisethulela kafishane ngezinto zepolitiki nezinto ezithinta iqembu le-ANC. Ngemuva kwalokhu kube sekukhethwa amalungu.

“Siyethemba ukuthi lamalungu akhethiwe azokwazi ukuqhuba lenqoba yezepolitili iyephambili ngokuthi banxenxe abantu abasha bajoyile iqembu lika-ANC. Umsebenzi osihlalele wukuvuselela inhlangano ngokuhlanganisa izinhlelo zentuthuko nezokuphatha ezithinta intsha.”

Uqhube wathi kuzoba khona ukubambisana phakathi kophiko lwentsha esigcemeni, yiqembu likaKhongolose nophiko lwabantu besifazane eqenjini olwaziwa ngokuthi yi-ANC Women’s League kanye namadlela ndawonye.

“Sinxusa amalungu [enhlangano] nabantu abasha abangabalandeli beqembu le-ANC kanye nombimbi lonke ukuthi baxhase i-ANCYL emizameni yayo yokwenza ngcono izimpilo zomphakathi nabantu abasha abadinga ukuthi sibahlinzeke ngezidingo kuzozonke izindawo ezingaphansi kwesigceme.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.