Isidididi kutholakala insangu eduze kwesitolo

2017-03-16 06:03
UConstable R. Pillay ekhombisa ngezijumbana zomthunzi wezinkukhu okusolakala ukuthi bezithukuswe eduze kwesitolo oThongathi. Isithombe: Sithunyelwe

UConstable R. Pillay ekhombisa ngezijumbana zomthunzi wezinkukhu okusolakala ukuthi bezithukuswe eduze kwesitolo oThongathi. Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUQUBUKE isidididi kwesezinye sezitolo ezisenkabeni yedolobha uThongathi ngesikhathi kutholakala izijumbana zensangu zigoqwe ngoplastiki omnyama  zithukuswe eduze kwesuphamakethe ekuseni ngoMsombuluko odlule mhla ziyi-6 kuNdasa.

Ngokombiko wamaphoyisa asoThongathi kubikwa ukuthi amaphoyosa alunywe indlebe ngabathile ngomthunzi wezinkukhu obewuthukuswe ndawana thizeni maduzane nalesuphamakethe esenkabeni yedolobha.

Okhulumela amaphoyisa asoThongathi uWarrant Officer Manisha Maharaj-Marie uthe: “Amaphoyisa athole umbiko wokuthi kukhona insangu ethukuswe eduzane nesitolo esisenkabeni yedolobha. UConstable R. Pillay ube esenikela khona wafike wathola izijumbana ezingama-28 zithukuswe eduzane kwesitolo.”

Bekungakaboshwa muntu ngelesigameko. Imizamo yokuthola abaphathi besitolo ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Owesifazane ongathandanga ukudalulwa igama lakhe osebenza esitolo uyichithile imibiko yokuthi kutholakale insangu eduze nesitolo.

“Ukube beyikhona into enjalo eyenzeke ngaphakathi esitolo amaphoyisa bekumele asitshele. Ngakho-ke ngeke ngiphawule ngento engingayazi ngingaze ngilahlekelwe umsebenzi wami.”

Iphoyisa elisebenza enkabeni maphakathi nedolobha uWarrant Officer Ricky Moodley ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa athole izijumbane zensangu zigoqwe ngoplastiki omnyama eduze kwesitolo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.