Kunconywe igalelo likaNcwane emculweni wokholo

2016-12-08 06:01
ISITHOMBE: SITHUNYELWE Abathandi bomculo wokholo bathi bazohlale bemkhumbula njalo UMnu. Sifiso Ncwane (osesithombeni).

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Abathandi bomculo wokholo bathi bazohlale bemkhumbula njalo UMnu. Sifiso Ncwane (osesithombeni).

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABATHANDI bomculo wokholo eMzansi bathi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni komculi wokholo uMnu. Sifiso Ncwane.

Abathandi bomculo wokholo abakhulume naleliphephandaba basoThongathi naseVerulam bathi ukudlula emhlabeni kuka Mnu. Ncwane isigubhukane kushiye benengebhe ngekusasa lomculo wokholo.

Ngokwemibiko yabezindaba uMnu. Ncwane ungeniswe esibhedlela eGoli exinekile ngeSonto okuthe ngoMsombuluko ekuseni wase uyadlula emhlabeni ngenxa yokuba nenkinga yezinso.

UMnu. Siyabonga Mtshali (26) waseHambanathi uthe: “Siyawahlonipha kakhulu amagalelo kaMnu. Ncwane waba ngumculi wokuqala womculo wokholo owaphumelele kumaSama, lokho kukhombisa ukuthi ubesebenza ngokuzikhandla okumangalisayo. Izingoma zakhe bezinomyalezo okuyaye kuthi uma umuntu ezilalela noma ngabe kade eselahlekelwe ithemba kodwa libuye. Nginethemba lokuthi njengoba engasekho nje bakhona nabanye abaculi abasazoqhubeka bayibambe indima yezomculo wokholo.”

Umsakazi wesiteshi iSiyathuthuka FM uMnu. Nqobizitha “Ncwepho” Mncwango uthe: “Ubengumuntu wabo bonke abantu abathandi bomculo baseNingizimu Africa ngisho nabantu abebengebona abalandeli bomculo wokholo kepha bebelazi igalelo lakhe endimeni yomculo. Ubengumuntu engingathi ubalwa nabathathu abaphumelele kakhulu. Kubalandeli bakhe akulahlekelwe bona kodwa silahlekelwe sonke siyisizwe esinsundu. Mina bengimfanisa neNdidane noMgqumeni ngokwezinga alikhombisile.”

Umfundisi webandla iMarashanth International Ministries uMnu. Nkosingiphile Mzobe uthe: “Kubuhlungu kakhulu kodwa uma sifunda incwadi kaMshumayeli isahluko sesi-3 kusukela evesini lokuqala kuya kwelesithathu ithi, konke kunesikhathi sakho. Ngiyakholelwa wukuthi bese kufike isikhathi sakhe. Sithi dudu emndenini wakhe nakubalandeli bakhe. USifiso ubedumisa uNkulunkulu ngomculo, kakufanele kusikhathaze ukuthi uhambe kanjani ngoba imisebenzi yakhe emihle izoqhubeka. Izingoma zakhe zonke bezinomlayezo.”

Isikhulu esiphezulu enkampanini yomculo i-Recording Industry of South Africa (RISA) u-Advocate Nhlanhla Sibisi uchaze uMnu. Ncwane njengengqalabutho emculweni wokholo.

“Ubeyilungu eliqavile embonini yomculo futhi wenze omkhulu umehluko endimeni yomculo wokholo. Ubengathinti nje kuphela abathandi bomculo wokholo kodwa bonke abathandi bomculo jikelele. Ngonyaka wezi-2011 wakhipha ingoma ethi “Kulungile Baba,” eyamenza wavelela kuma Sama, ephumelela wahlwipha indondo ebizwa ngokuthi yiRecord of the Year Award. Ngonyaka wezi-2015 i-albhamu yakhe esihloko sithi Bayede Baba yamenza waphinde waphumelela kuma Sama kathathu. Kubuhlungu kakhulu ukuthi imboni yomculo isiphinde yalahlekelwa ngomunye umculi othande umsebenzi wakhe kwaze kwaba sekugcineni. Umculo wakhe uzoqhubeka nokunkenteza ezinhliziyweni zabantu baseNingizimu Africa kanye nakubantu abangaphandle kwamanye amazwe. Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kumkakhe, abantwana,umndeni,abalandeli nemboni yonke yomculo.”

Nasezinkundleni zokuxhumana abalandeli bomculo wokholo bebelokhu bekhale njalo ngokudlula emhlabeni kuka Ncwane kungazelele muntu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.