Kunxuswa umphakathi wonge amanzi

2016-11-10 06:00

UMASIPALA weTheku unxuse amalungu omphakathi ukuba aqhubeke nokonga amanzi njengoba isomiso sisaqhubeka ezindaweni eziningi esifundazweni saKwaZulu-Natal. Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba umasipala uthi nakuba zibe khona izimvula zaka muva, kodwa aziwenzanga umehluko omkhulu ezindawnei eziningi. Nakuba kunjalo zikhona izindlela okuzanywa ngazo ukuhlangabezana nengwadla yokushoda kwamanzi.

Inhloko eMnyangweni waManzi uMnu. Ednick Msweli wethule umbiko okhomba ukuthi iNingizimu Africa ingezinye zezindawo ezikhahlazameke kakhulu ezwenikazi lase-Africa ngokushodelwa amanzi.

Ngoko mbiko unyaka ophelile ubenzima kunayo yonke iminyaka eNingizimu Africa njengoba izindawo eziningi zishodelwe ngamanzi ngendlela engakaze ibe khona kusukela ngonyaka ka 1921.

Ngokombiko othulelwe ikomidi lesigungu kumasipala weThekwu, kuvela ukuthi uMnyango waManzi kuzwelonke ugcine sewuphoqeleka ukuba unciphise amanzi ezindaweni eziningi edolobheni laseThekwini ukuze kongiwe amanzi. UMnu. Msweli uqhube wathi ekuqaleni kwenyanga kaNcwabe (August) kulonyaka amanzi angene eMgeni abelinganiselwa ku 48 %, lokho okwehle kakhulu uma kuqhathaniswa nenani langonyaka odlule ebelinganiselwa ku 72 %.

“Umgeni Water uyaqhubeka nokunciphisa amanzi ezindaweni ezakhele iTheku njengoba uMnyango waManzi nokuKhucululwa kwendle ugcizelela ukuthi kufanele kongiwe amanzi,” usho kanje.

Uqhube wathi uMnyango waManzi nokuKhucululwa kwendle ukholwa wukuthi kusemqoka ukugqugquzela umphakathi ukuba usebenzise amathangi amanzi kakhulukazi ezindaweni ezibukeka zikhahlazameke kakhulu yisomiso. Inhloso yokugqugquzela ukusetshenziswa kwamathangi ukuthi amalungu omphakathi akhongozela amanzi emvula njengoba isimoso kusalindeleke siqhubeke.

Umbiko uqhuba uthi nakuba eminye imibiko iqagula ukuthi kungase kube nezimvula ezinkulu ekuqaleni konyaka ozayo, kodwa kuneminye imibiko evelayo yokuthi isomiso singase siqhubeke sigadle izinyanga eziyi-12 kusukela manje.

UMnu. Msweli uphinde wathi uma kwenzeka ziba khona izimvula eziningi ngaphambi kokuqala kobusika ngonyaka ozayo zingeke zanele ukugcwalisa amadamu amakhulu azokwazi ukuhlala iminyaka emibili.

Uphinde wathi sebethathe elinye igxathu lokusebenzisana noMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ukuze kubhekwane nengwadla yokushoda kwamanzi esifundazweni. Uqhube wathi kuzotshalwa izisebenzi zomnyango ezigcemeni ezahlukene ukuze zikwazi ukubikela umasipala ngokuvuza kwamapayipi amanzi. IMeya yeTheku uZandile Gumede ulwamukele ngezandla ezimhlophe loluhlelo. Uphinde wathi kufanele kutholakale ezinye izindlela zokuhlinzeka amalungu omphakathi ngamanzi.

“Abasebenzi kufanele baqeqeshwe ukuze bezokwazi ukuphesha [amapayipi avuzayo]. Siyazamukela zonke iziphakamiso njengoba isomiso sisibi kakhulu,” kuphetha yena.

UMasipala weTheku unxusa amalungu omphakathi ukuba abike ngokuvuza kwamapayipi kanye nokuntshontshwa kwamanzi. Kungashayelwa lenombolo 080 131 3013 noma uthumele umqhafazo kwethi 43554, email Eservices@durban.gov.za noma enombolweni kaWhatsApp ethi 073 148 3477.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.