Sishiywe kukhalwa isiphepho esinamandla

2016-11-24 06:02
ISITHOMBE: SITHUNYELWE Umndeni wakwaNzuza eCottonlands ucela usizo kuhulumeni.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Umndeni wakwaNzuza eCottonlands ucela usizo kuhulumeni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI waKwaNzuza endaweni yaseCottonlands ngaphandle kwaseVerulam usazikhotha amanxeba ?ngemuva kokuba kudilike indlu abebelala kuyo ngesikhathi imvula enamandla ehambisana nesiphepho igasela esifundazweni saKwaZulu-Natal ngesonto eledlule. ?

?Lo mndeni uthi uphume ngesamagundane ngesikhathi kudilika uphahla kwalimala nempahla ebiphakathi endlini.

UNkk Tholakele Nzuza (50) utshele leliphephandaba ukuthi basagobe amadlangala komakhelwane kuze kuba bathola enye indawo abazohlala kuyo.

“Kulimale yonke impahla ebiphakathi endlini, nathi siphume ngesamagundane. Ngisola ukuthi bekudlula inkanyamba ngoba kujwayekile ukuthi uma kunomoya onamandla ohambisana nokuduma kwezulu kusuke kudlula yona. Okungikhathaza kakhulu ukubona izingane zami zilele kabuhlungu zimpintshekile. Ngiyafisa iminyango kahulumeni isisize ngokusixhasa sikwazi ukuthola indawo yokufihla ikhanda,” kusho uNkk Nzuza.

Ibamba lenkansela leqembu i-Democratic Alliance uMnu Chris Langa uthe bazozama ngakho konke okusemandleni ukuthi yonke imindeni ekhahlanyezwe yizikhukhula ithole usizo.

UMnu Langa unxuse amalungu omphakathi ukuba abikele izikhulu zikaMasipala weTheku ngomonakalo odalwe yizimvula ezindaweni abahlala kuzo.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni sewuxwayise amalungu omphakathi ukuthi aqaphele njengoba kulindeleke izimvula ezinamandla nesiphepho ziqhubeke. ?

Ungqongqoshe womnyango uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe sekujutshwe amathimba ezindaweni ezahlukene esifundazweni ukuqwashisa amalungu omphakathi ngesimo sezulu esingesihle.

Uqhube wathi esikhathini esedlulile abantu abahlala eduze nemifula balahlekelwe izimpilo zabo. “Sinxusa nabashayeli bezimoto ukuba bashayele ngokucophelela. Amathimba omnyango asemi ngomuno ukuze aqaphe isimo,” kusho uDube-Ncube.

Uphinde wanxusa othisha ukuba baqikelele ukuthi abafundi bahamba ngemizila ephephile uma beya noma bebuya ezikoleni ukuze kugwemeke izigameko zokulimala kwabo. ?

Ngokombiko okhishwe yiSouth African Weather Service, kusalindeleke ziqhubeke izimvula ezinamandla ezindaweni eziseNquthu, Vryheid naseDumbe. Ingama-220 imizi okusalwe kukhalwa kuyokuMasipala waseMzinyathi lapho kulimale khona abantu abayi-11. KuMasipala wase Msinga kushone umuntu oyedwa kwathi abayi-5 balimala ngesikhathi beshaywa ngumphezulu ngesonto eledlule.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.