Ugcine eshonile oshaywe ngumphakathi

2016-09-22 06:00

UGCINE eshonile owesilisa waseMagwaveni otitinywe ngenduku ngamalungu omphakathi esolwa ngokuba yisigebengu esintshontshayo endaweni.

UMnuz Bongani Mnguni (20) kutholakale isidumbu sakhe sidindilize endaweni yaseMagwaveni ngomhla ka 12 kuMandulo (September) sinemivimbo umzimba wonke.

Okhulumela amaphoyisa asoThongathi uWarrant Officer Manisha Maharaj-Marie utshele leliphephandaba ukuthi ngesikhathi kufika amaphoyisa endaweni yesigameko umufi ubelele ngesisu isidumbu sakhe sinqunu, nokusolakala ukuthi ushaywe wase ekhunyulwa izimpahla zokugqoka.

“Ngokwemibiko yamaphoyisa afike endaweni yesigameko, umufi ubesolakala ngokuba yisigebengu endaweni. Amalungu omphakathi abe esemthelekela ngenduku wagcina eshonele endaweni yesigameko. Amaphoyisa aphenya icala lokubulala,” kuchaza yena.

Amaphoyisa asoThongathi axwayise amalungu omphakathi ukuthi agweme ukuzithathela umthetho.

“Kuyicala elibomvu ukuzithathela umthetho ngezandla ngoba lokho kuholela ekutheni lowo othintekayo abekwe icala aphinde aboshwe.

Sinxusa amalungu omphakathi anemininingwane egcwele mayelane nalesigameko ukuthi athintane namaphoyisa ngokushesha. Izigameko ezifuze lezi lapho umphakathi uzithathela khona umthetho ziyanda kakhulu endaweni yasoThongathi. Imibiko yamaphoyisa ikhombisa ukuthi abantu bayahluleka ukubekezelelana lokho okugcina sekubange ingxabano egcina ngokuthi kube khona olimalayo,” kuchaza yena.

Ngesikhathi sokuloba bekungakaboshwa muntu, uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka. Amaphoyisa anxuse amalungu omphakathi angasiza kubanjwe abasolwa ashayele isiteshi sasoThongathi kulenombolo 032 594 9900.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.