Ukhuza ibuya umfundi owashiya isikole

2016-12-01 06:00
ISITHOMBE: ANDILE SITHOLE Umfundi waseNkosibomvu Secondary uSanele Yimba uthi intsha kufanele ibeke imfundo phambili.

ISITHOMBE: ANDILE SITHOLE Umfundi waseNkosibomvu Secondary uSanele Yimba uthi intsha kufanele ibeke imfundo phambili.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMFUNDI wasesikoleni iNkosibomvu Secondary oneminyaka engama-20 owashiya esikole ngemuva kokungaphumeleli izifundo zebanga le-10 ngonyaka wezi-2013, ubuye ngegiya eliphezulu kwezemfundo njengoba ezimisele ukuqala inkampani yezokukhangisa iphinde ibe nemincintiswano yozime.

UMnu. Sanele Yimba waselokishini laseNewtown oThongathi washiya isikole ekade efunda khona esikoleni iML Sultan Secondary KwaDukuza ngemuva kokungaphumeleli izifundo zakhe wase ehamba eyofuna umsebenzi.

Ngonyaka olandelayo usebenze unyaka wonke esitolo esisenkabini yedolobha laKwaDukuza esidayisa ukudla ondla izingane zakwabo.

Kodwa uthi ngesikhathi esebenza ubenesifiso sokuthi ngelinye ilanga naye azibone engusomabhizinisi ephetha inkampani yakhe. Lokhu bekungelula njengoba izinga lenfundo yakhe belingamvumeli ukuba akwazi ukungena eminyangweni efanele ukuze kufezeke isifiso sakhe njengoba ashiya esikoleni wangakwazi ukuqhubeka nezifundo zakhe.

Ngesikhathi exoxa naleliphephandaba uveze ukuthi impilo inzima ekhaya njengoba engasenabo abazali bakhe.

Uthi ukukhula kanzima eyintandane kumenze wangaba nalo ugqozi lokuqhubeka nesikole wagcina esezama ukuziphathela impilo.

Lensizwa idabuka KwaDukuza kodwa manje seyizinze oThongathi. Uthi ngesikhathi esebenza esitolo sokudla ubehlangana nabantu abehlukene abanye bemkhuthaza ukuthi aqhubeke nezifundo zakhe kodwa abanye bebewukhaba ngazo zombili izinyawo umbono wakhe wokubuyela esikole ayophothula izifundo zakhe.

Kulonyaka ubuyele esikoleni, kodwa waphoqeleka ukuba ahlehle kancane enze ibanga le-9 Nkosibomvu Secondary.

“Kakuzange kungithene amandla ukubuyela emuva kancane ngenze uGrade 11 ngoba ngokohlelo lokufunda angisakwazi ukuqhubeka komatikuletsheni njengoba ngashiya esikoleni ngonyakla wezi-2013. Sekufanele ngiqale ekilasini elingemuva kancane ukuze ngikwazi ukudlulela phambili. Isifiso sami ukuziqalela inkampani yami engizoyibiza ngokuthi yiNguma lapho ngizonxenxa intsha ingenele imincintiswano yonobuhle. Lombono wokuqala imodeling agency ungifikele kulonyaka ngenyanga kaNtulikazi(July). Abanye abantu abangithathi njengomuntu ophile kahle uma ngibachazela ngamaphupho ami enginawo ngempilo,” echaza.

Lensizwa ezwakala noma ikhuluma ukuthi ingumuntu ophokophelele ukuya phambili ngempilo ithi nakuba ikhula kanzima abazali bengekho kodwa ithi lokho yikho okuyikhuthaza ukuba ibuke impilo ngendlela eyehlukile kontanga yakhe.

“Ngesikhathi ngishiya umsebenzi ngibuyela esikoleni kube khona abantu ababone isinqumo sami singaphusile. Kodwa engizimisele ngakho wukuthi ngibakhombise ukuthi imfundo ibaluleke kangakanani. Ukuze uye phambili ngempilo kudingeka ube ngumuntu ozikhandlayo futhi nemfundo ibalulekile. Ngesikhathi ngisebenza esitolo sokudla KwaDukuza ngibonile ukuthi ayikho into umuntu omusha angayenza ibe yimpumelelo ngaphandle kwemfundo . Yingakho-ke nginqube ukubuyela esikoleni ukuze ngikwazi ukuqhuba izifundo zami. Lokho kuzongisiza ukuthi ngikwazi ukufeza amaphupho ami,”kuchaza yena.

Uthi umfowabo omdala nguye oyisibonelo esihle empilweni yakhe njengoba naye enebhizinisi lakhe.

“Into engifisa ukuyisho entsheni yakithi wukuthi kubalulekile ukunakelela iziphiwo zabo. Isiphiwo onaso kufanele usisebenzise ungapheli amandla noma zikhona ezinkinga ohlangabezana nayo. Abafundi abangaphumelelanga ezifundweni zabo zikamatikuletsheni kufanele bangapheli amandla, baphindele esikoleni baqhubeke nezifundo zabo. Imfundo ibaluleke kakhulu,”ephetha.

UMnu. Yimba uzimisele ukuqala inkampani yakhe ezobizwa ngeNever Give Up Modelling Agency (Nguma) futhi uzimisele ukuthi uma eqeda isikole ebe eseyinjinga yasoThongathi.

Uphinde wanxusa osomabhizinisi kanye namalungu omphakathi afake isandla ekufezekiseni iphupho lakhe lokuqala ibhizinisi.

UMnu Yimba utholakala enombolweni ethi: 074 696 3218.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.