Umsakazi unxusa intsha yaseMzansi ivuke izithathe

2016-09-15 06:00
Isithombe: SITHUNYELWEUmsakazi wesiteshi somphakathi iSiyathuthuka FM uAndile Mthembu unxusa intsha yase Mzansi ukuthi isebenze kanzima ukuze ibe nekusasa eliqhakazile.

Isithombe: SITHUNYELWEUmsakazi wesiteshi somphakathi iSiyathuthuka FM uAndile Mthembu unxusa intsha yase Mzansi ukuthi isebenze kanzima ukuze ibe nekusasa eliqhakazile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMSAKAZI osezakhele ugazi kubalaleli bomsakazo womphakathi iSiyathuthuka FM, uAndile Mthembu [19] unxusa intsha yase Mzansi ukuthi isebenze kanzima ukuze ibe nekusasa eliqhakazile.

UMnuz. Mthembu ongowokudabuka endaweni yaKwaMpahumulo, kodwa okwamanje uzinze endaweni yase Hambanathi oThongathi utshele leliphephandaba ukuthi indlela eya empumelelweni idlula ebunzimeni waphinde wanxusa intsha ukuthi ivuke izithathe.

Nakuba ehlangabezane nezingqinamba ngesikhathi esafunda emabangeni aphansi kodwa uthi lokho kakuzange kumthene amandla ekuphokopheleleni phambili njengoba namanje esazimisele ukuya phambili endimeni yezemisakazo.

“Intsha kufanele isebenze kanzima ukuze ibe nekusasa eliqhakazile. Isikhathi esiphila kuso njengamanje sidinga abantu abasebenza ngokuzikhandla nokuzinikela kakhulu. Ngiqale ukuba nothando lokusakaza ngisafunda isikole njengoba bengijwayele ukuhlale ngilalela imisakazo emikhulu efana noKhozi FM. Bekuyaye kuthi njalo uma ngibuya esikoleni ntambama ngivule umsakazo ngilalele indlela abasakazi abethula ngayo ezemidlalo kanye nezindaba. Kodwa umuntu engikhule ngibukela kakhulu kuyena nongenze ngagqugquzeleka ukuthi ngibe nothando lokusakaza uBheki Cele wesiteshi Izwi LoMzansi. Ungenze ngazizwa ngingumsakazi ngisafunda isikole. Bakhona nabanye bakweminye imisakazo abafana noVictor Molefe ongumethuli wezemidlalo oKhozini FM. Labo bantu bangenze ngazibona empilweni yami ngisakaza nabo ngelinye ilanga,” kuchaza yena.

Nakuba edabuka endaweni yasemakhaya, kodwa uthi lokho akuzange kumnqinde amandla ukuthi afune ukufana nabantu abaphila impilo engcono abahlala ezindaweni ezisedolobheni. Uqede izifundo zakhe zamabanga athe thuthu eQwabe Secondary khona KwaMaphumulo.

“Ngiphuma emndenini ongasokoli kakhulu ngoba ngiyakuthola engikufunayo nakuba ziba khona izinto eziyizingqinamba engihlangabezana nazo. Umndeni wami uyangesekela kakhulu kukho konke engikwenzayo kuze kube yimanje bafuna ukungibona ngisebenzela imisakazo emikhulu.

Abafowethu kanye nabangani bami nabo badlala indima enkulu ekungigqugquzeleni ukuthi ngibe wumsakazi ovelele lokho okungenza ngibone ukuthi bayalibona ikhono lami lokusakaza,” echaza.

Uphothule izifundo zezokusakaza esikhungweni esibizwa ngeLetsoala Broadcasting Academy esizinze eThekwini lapho ethi uphume khona nesitifiketi sokuba yinkakha endimeni yemisakazo.

Kuthe uma eqeda esikoleni wabe esezithola esesebenza esiteshini somphakathi eNdwedwe.

“Ngiqale ukusebenza emsakazweni ngonyaka odlule lapho ngenza uhlelo lwezemidlalo ekuseni ohlelweni iBreakfast Show eqala ngehora lesithupha [6] kuze kube yihora leshumi [10]. Ngiphinde ngibuye ngoMgqibelo ngizokwethula ezemidlalo.

Ngiphinde ngingene futhi nezinye ezemidlalo kusukela ngehora lesihlanu [5] ntambama imizuzu engamashumi amathathu,” kuqhuba uMthembu.

Lensizwa ebukeka inamahloni futhi ingumuntu ozithobile ithi eminyakeni ezayo izibona isebenzele imisakazo emikhulu yaseNingizimu Africa ingumethuli wezemidlalo.

“Njengamanje ngingenele umcintiswano obizwa ngokuthi yi-Live Your Dream Youth Award lapho kuzotonyulwa umsakazi ovelele emisakazweni yomphakathi. Lomncintiswano uzoba ngomhla ka 29 kuNcwaba [ October]. Nginxusa abantu bangivotela ngokuthumela umqhafazo enombolweni ethi 45633 negama LYD298. Inhloso yami yokungenela lomncintiswano ukuthuthukisa ikhono lami endimeni yezokusakaza ngiphinde ngiphokophelele phambili,” ephetha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.