Uzobhadla ejele odlwengule ingane

2016-11-10 06:01

UGWETSHWE iminyaka eyi-15 ebhadla ejele enkantolo yeMantshi eVerulam owesilisa oneminyaka eyi-17 obebhekene necala lokudlwengula intombazane yase Ndwedwe eneminyaka eyi-6.

Umsolwa ubevele enkantolo ngesonto eledlule. Ngokombiko wamaphoyisa ummangali wayesekhaya kubo eNdwedwe ngesikhathi umsolwa embudubeza ngenkani wamdonsela endlini yakhe lapho afike wamdlwengula khona.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni Lt. Col. Thulani Zwane uthe umsolwa wabe eseyidedela ingane yahamba ngemuva kokuyidlwengula.

“Lo mntwana wabuyela ekhaya wafike watshela ugogo wakhe ngokwenzekile, ugogo wabe esebekile amaphoyisa. Kwavulwa icala lokudlwengula emaphoyiseni aseNdwedwe.

“Lelicala labe selithathwa wuphiko lwaKwaDukuza oluphenya amacala aphathelene noDlame emndenini, ukuVikelwa kweZingane namacala okuNukubeza. Umsolwa wabe eseboshwa ngosuku olulandelayo,”echaza.

Ibamba likaKhomishana wamaphoyis esifundazweni u-Major General Bheki Langa uwashayele ihlombe amaphoyisa ngokusebenza ngokuzikhandla.

“Amaphoyisa azoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla aqinisekise ukuthi bonke labo abanukubeza izingane nabantu besifazane babhekana nengalo yomthetho.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/Sport

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.