AbaseMalawi basaba ukuhlaselwa

2015-04-30 06:00

ABOKUFIKA abayi-165 baseMalawi sebencamele ukulifulathela leli babuyele ekhaya bayodlala indlala okunokuba baqhubeke nokuba yizisulu zokuhlukumezeka eNingizimu Afrika.

Laba bami ngomumo ukulifulathela njengoba belinde eDales Park edolobheni okuyilapho begobe khona amadlangala kusuka ngoLwesithathu olwedlule. Lapha ababekelwe khona ithende lokubakhuselisa yilapho bevakashelwe khona uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Weziwe Thusi ngoLwesine.

Ngenkathi elapho uThusi bamtshele ukuthi nakuba abanye babo bengazange bahlaselwe ezigigabeni zakamuva nje kodwa bazibona bengaphephile.

Laba bokufika ababaleke e zindaweni ezahlukene zalapha eMgungundlovu okuyindawo yaseCinderella Park, Emasukwane, Bombay batheleke kule nkundla kusukela ngoLwesithathu olwedlule ngenxa yokusaba emva kuqubuke izigameko zokuhlaselwa kwabokufika kulona leli dolobha. Bonke futhi bakujabulele ukubuyela emakhaya abo ezweni laseMalawi njengoba bekusemalungiselelweni okuthi kulunge amaphepha abo ukuze bakwazi ukuhamba.

UThusi efika kule nkundla ukhulume nabo, ehamba engena nasethendeni lapho behlaliswe khona. Ubehambisana nobuholi benhlangano ye-ANC kanye nezikhulu zikaMasipala uMngungundlovu kanye noMsunduzi.

“Imbangela yokusuka size sifike lapha kungenxa yokuthi sizobheka njengoba sitsheliwe ukuthi kunabokufika abahlezi kule nkundla. Ukuza kwethu ukuzobheka isimo siphinde sithole nembangela yokuthi ngabe yini ebalethe lapha nokuthi ngabe baphephile yini. Kuyajabulisa ukuthi iningi labo liyasho ukuthi lilapha ngoba lisaba kusukela kwenzeka izehlakalo zokuhlaselwa kwabokufika. Abekho abathi bona bashayiwe. Okunye bayachaza ukuthi nabo bayafuna ukuthi babuyele emakhaya khona ezweni lakubo eMalawi,” kusho uThusi.

OwaseMalawi uMnuz Alayina Sinova yena uthe ukujabulela kakhulu ukuthi ubuyela ekhaya. Utshele i-Echo uthe kuningi ukuhlukumezeka abakuzwile kuntshontshwa izinto zabo, bethukwa bebizwa nangamagama okucwasa.

Uthe kungcono ukuhamba ayohlupheka ezweni lakubo kunokuthi ahlukunyezwe abantu balapha eNingizimu Africa.

“Iningi lethu ligqekezelwe futhi ubungathi batshelene ukuthi abasihlukumeze ngale ndlela. Abanye bethu bathathelwe izimpahla, abanye bashawa.

“Yize abanye bengazange benziwe lutho kodwa siyasaba manje asiziboni sisamukelekile futhi sisahleli lapha esinye isikhathi. Okusilungele ukuthi sihambe sibuyele emakhaya ezweni lethu,” kusho yena.

UThusi uthe uma ebabuza ukuthi kungani befuna ukuhamba bakubeka kwacaca ukuthi bazizwa bengasaphephile futhi ngeke baphinde babuye beze kule lizwe.

Unobhala we-ANC esifundeni iMoses Mabhida uMnuz Supa Zuma uthe abakutholile kule nkundla ukuthi iningi labokufika elikhona elasezweni iMalawi.

“Esikutholayo ukuthi lezi zakhamizi zaseMalawi zifuna ukubuyela ezweni lazo ngenxa yokwesaba. Abekho abathi bahlukunyeziwe,” kusho uZuma.

UMnyango obhekelela izinhlekelele eMsunduzi usebenzisana noMnyango wezaseKhaya noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ukusiza lezi zakhamizi zibuyele emakhaya.

Kubikwe ukuthi amabhasi azobathatha abayise emakhaya asendleleni kanti futhi nenxusa lezwe laseMalawi lifikile lazokhuluma nalezi zakhamuzi ngoLwesine olwedlule

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.