Abathuthi ababambisane nathi ngezingane zethu ukugwema izingozi

2015-09-03 06:00

MHLELI: Kubuhlungu ukuba ngumzali kwenye inkathi ngoba ezikhathini eziningi uyaye ucabangele ingane yakho, ufise ukuthi ibe nekusasa eliqhakazile, ithole imfundo engcono.

Singabazali sibhekana nosizi lokuthi izikole esakhelene nazo kazisebenzi ngendlela encomekayo, size siphoqeleke ukuba siyofundisa izingane zethu kude namakhaya. Kuyilapho uMnyango wezeMfundo nawo kawukukhuthalele ukusukumela izikole ezingenzi kahle. Singasho nje ukuthi kawukukhuthalele kodwa iningi lawothisha lithola izikhundla ngetiye, nangokuthi kusatshwe izinyunyana.

Sebeyidlanzana othisha bobizo, yingakho izikole eziningi zingenzi kahle. Abantu ababhekana nosizi abazali, okumele bakhokhele amaveni ukuba athwale izingane azise ezikoleni ezikude nasemakhaya. Kubuhlungu-ke ukuba umzali ngoba ufunela ingane yakho isikhala kwimoto yakwaNgubane owazi ukuthi ishayelwa uNgubane. Kanti uNgubane uma ezizwa ekhathele unika umfana wakhe imoto ukuba ayothutha le miphefumulo. Umfana wakhe ongenazo nezincwadi zokushayela. Hlawumbe une lenazi kuphela. Uma sekwenzeke inhlekelele singabazali sibamba amakhanda, kukhona umuntu obe nobudedengu wanikeza umuntu ongakwazi ukushayela imoto.

Ezinye izimoto kazikho ezingeni lokuba semgwaqweni abantu babeka imali phambili, umuntu ayizwe ukuthi imoto kayisenawo amabhuleki kodwa athi uzociciyela uyowafaka uma kuphela inyanga. Akacabangi ngale miphefumulo ayithwele, ayibeka engcupheni yokuba ishabalale. Ezinye izimoto ezithwala izingane kazikho emgwaqeni ngoba kazithelile.

Kulapho-ke namaphoyisa emigwaqo akaze nje azihluphe ngokuyokwenza izimvimba-mgwaqo eduze nezikole. Ngisho ungawacela eza usuku olulodwa, ayophinda eze futhi emva kweminyaka okanye uma sekwenzeke inhlekelele, esezonikina amakhanda. Ukuhamba uye emsebenzini ungumzali wazi ukuthi ingane isesikoleni kanti sewuyobizwa sekuthiwa woza uzoyikhomba emakhazeni, kubuhlungu. Besingazivikela izinhlekelele ukube besingathi uma sithwele umphakathi okanye abafundi sithi sizoyilandela yonke imithetho yemigwaqo, singalayishi ngokweqile ngoba ukusindelwa kwemoto kwenza ingalawuleki kalula iphushwa umthwalo. Kubuye kube nabashayeli abaphaselana ngezingane, uthi ungumzali wazi ukuthi ingane yakho igibela imoto yakaNgubane kuyabe uyezwa ingane isikutshela ukuthi endleleni bayehliswa bagibele usgedlemba wakaNdlovu. Kawumazi kwaloyo Ndlovu, nokuthi imoto yakhe injani. Ngisho udlula kwenzeke inhlekelele uzozihambela wena kanti ushiya ingane yakho.

Abanye abathwala izingane abanabo ubuntu, Kulula nje kubona ukuyishiya ingane igcine ihambe ngezinyawo ibanga elide. Uma ezishiyile akakutsheli futhi wena mzali, kodwa ekupheleni kwenyanga ufuna imali yakhe iphelele. Ake sibuyiseni ubuntu, kubalulekile ukwazisa umzali ngokushintshana ngezingane. noma ungayitholanga ingane esikoleni, mazise ukuze enze imizamo yokuyilanda. Bese sicela kuMnyango wezeMfundo ukuthi uke wenze izikole zisebenze ngokufana, singabi nothishanhloko abangazinikele emsebenzini wabo abathola izikhundla ngokuba izishoshovu kwizinyunyana. Umuntu akaphathe ngoba ngempela kumfanele ukuphatha. Uma singasebenza ngokubambisana izikole zethu zingasebenza kahle, siyeke ukuhambisa izingane zethu kule zikole ezibopha amabhande omfaniswano alenge ngemumva, ngoba kwabona akungoba besebenza kakhulu kodwa sizitshela kanjalo.

Sithi sifuna izingane zethu zifunde isiNgisi, kodwa lezi nhlanga sisebenza nazo kazisazi isiNgisi iningi lazo. Kuyosisiza ukuba silungise izikole zethu sibambisane nomnyango kanye nezinyunyana, siphushele ukuthi kungene abantu abazosebenza ngokweqiniso. Bangajahi amalungelo abo, beshiya awezingane ngemuva.

Ngokubambisana izinhlekelele ziyoncipha, nezingane zethu ziyothola imfundo esezingeni.

BONGANI MZO NGUBANE

e-Ashdown

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.